IGUBHA iminyaka eyishumi ngezingoma zokholo ezithandwa ngabaningi i-albhamu yakamuva yesilomo sowokholo esiyintandokazi umhlaba wonke.
UTasha Cobbs Leonard ukhiphe i-albhamu eyethiwe 10 Years of Tasha. Izingoma zakhe eziningi okubalwa iBreak Every Chain, Feel Me Up, Your Spirit nezinye eziningi, uveze ukuthi zizoba yingxenye ye-albhamu ehlanganisa umsebenzi wakhe.
Lawa amanye amanoni amakhela ugazi kubantu kulandela nomyalezo otholakala kulezi zingoma.
UTasha ungomunye wabaculi baphesheya kwezilwandle kodwa abadume umhlaba wonke nabanabalandeli bezinhlanga ezahlukene yize ecula ngesiNgisi.
INingizimu Afrika ngelinye lamazwe elinezinkumbi zabalandeli bakhe uTasha. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuhlasela kobhubhane lweCovid-19 amanye amasonto amakhulu akuleli ayemlanda phesheya kwezilwandle azodumisa nabazalwane.
"Kuyangithokozisa ukuba nani kule ndlela engiyihambayo. Iminyaka eyishumi yendumiso, ukubhala izingoma ezidumisa uNkulunkulu yinto engeke ngayifanisa nalutho," kusho Tasha.
Abantu kubajabulise kakhulu ukuphuma kwale albhamu njengoba belokhu bembongele njalo kusukela kuqala inyanga kanti kuyimanje usehlele ukuhambela izindawo ezahlukene ukuhlanganyela nabalandeli.