INGWAZI yomculo kamaskandi, uThokozani "Somnandi" Langa, seyisheba ukucula nokulingisa njengoba izobonakala okukuqala efilimini esihloko sithi Echoes of Justice.
Echaza ngokubamba kwakhe iqhaza kule filimu, uSomnandi uthe abadidiyeli bayo bachazwa yindlela alingisa ngayo kuma-video nakumaDVD akhe.
"Babuke ama-video ami. Njengomuntu obeshaya ama-video ayinkinga, babuke indlela engilingisa ngayo, bayithanda. Babonile ukuthi ikhona into ekhona."
USomnandi uthe yize eqala ukulingisa kodwa akubanga yinto enzima ngoba kuyinto esemizweni yakhe.
"Ngisheshe ngajwayela njengoba bekuyinto ebengiyenza ezingomeni zami, babona ukuthi ikhono likhona. Ngangingazi lutho, yibo abangibheka, bangicela ukuthi ngizosebenzisana nabo. Akubanga yinto enzima."
USomnandi uthe akubanga ucilo othuke uzishayisa esagileni kodwa uzimisele ngokuqhubeka nokulingisa ngoba ngelinye lamakhono akhe abefihlekile.
Uthe baningi abantu abambhalelayo nabamshayela ucingo ngenxa yezinkulumo azethula emicimbini neseziqalile ukusabalala.
"Abanye basuke bengizwe ohlelweni lezomshado oKhozini ngoMgqibelo wokuphela kwenyanga. Abanye sebeyangimema nasemishadweni yabo ukuba ngizokhuluma."
USomnandi, odabuka oLundi, uthe kuningi abusiswe ngakho nguNkulunkulu, ngaphandle komculo.
Nasemculweni usayibambile insimbi ishisa njengoba nyakenye ekhiphe i-albhamu esihloko sithi Kwabheda Umswenko, okuyicwecwe elinenoni elithi Is'khiye Se-Coldroom, Dayimani, Akuyena Owakini nelithi Uxam'uxakile.