USOBISHINI umculi wama-piano uThemba Sekowe, odume ngelikaDJ Maphorisa, osolwa ngokuzitika ngocansi nabaculi besilisa abangaphansi kwenkampani yakhe, kulandela ukusatshiswa ngokuthathelwa izinyathelo zomthetho ngabagqugquzeli be-Afropiano Festival eseCape Town ngeSonto.
UMaphorisa ushaye phansi ngonyawo wathi abaculi abangaphansi kwesitebela sakhe abalubeki olwabo unyawo kule festiveli eqale ngoLwesibili ngoba esola abagqugquzeli balo mcimbi ngokubabukela phansi.
UMaphorisa uveze ukuthi abagqugqueli basuka kwelinye izwe, bazozama ukwenza imali ngabaculi bakhe.
"Amaciko ami, uNia Pearl noTyler ICU, abayi kulo mcimbi. Ngiyethemba uFocalistic ukhokhelwe," kusho uMaphorisa.
Abagqugquzeli balo mcimbi benze isitatimende beqinisekisa ukuthi uMaphorisa nabaculi bakhe bakhokhelwe futhi bazimukele nesivumelwano.
"(UMaphorisa) uthathe isinqumo sokuphika ukuthi uqashiwe futhi waqonda ezinkundleni zokuxhumana ukusithunaza ngenkulumo enohlevane yize azi kahle ngokuqashwa nokwamukela ukuqashWa.
“Asisoze sazihlanganisa nohlobo lwabantu abangalihloniphi ibhizinisi ngakho sithathe isinqumo sokumhoxisa ohlwini lwabaculi ngokushesha. Sizothatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi ubuhlathi sibhekana kanjani nabo," kusho isitatimende sabagqugquzeli.
UMaphorisa uthe azidedelwe zihlabane amalunda ngomthetho.
Kwenzeka lokhu nje, u-DJ Maphorisa uthukuthele uyaveva emuva kokuba omunye umuntu owayeyisiboshwa, uBongani Joshua Tsime, edalule ukuthi uMaphorisa uzitika ngocansi nabaculi besilisa.
Ekhuluma kwi-The Wall Podcast kaThemba Lukhele, uBongani uthe kunabaculi abangena ngezinqe emculweni. Ebuzwa uThemba ukuthi unabo yini ubufakazi, uBongani uthe: "Bayashayana. OPori abadlali. Bayabashaya laba bafana...Bayabashaya oDaliwonga. Hhayi ukuthi ngikhuluma lapha, nabo bayakwazi. Ngiyabatshela...Uyabashaya okwangempela. Ucabanga ukuthi kungani engafuni nabo..."
Uthe yingakho laba baculi ‘abalaliwe’ bengeke bakufaka emculweni ‘ngoba bayazi ukuthi banikele ngezinqe’. Le-video enenkulumo kaBongani noThemba isabalale ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngeSonto.
Eziphendulela uMaphorisa usabise ngokuthathela uBongani izinyathelo.
"Ngizokukhombisa ukuthi ngibhekana kanjani nezinto ezifana nalezi. Ngizomenza akhokhe ngalokhu," kushaya ngezinqamulelayo uMaphorisa. Nomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ugqugquzele uMaphorisa ukuba akhwele phezu kwalo lolu daba.