ASHABALALE kuhle kwamazolo ebona ilanga amathuba okuba ngunkosikazi wasebukhosini baseSwatini, kumculi wakuleli uZahara.
Umculi we-Afro soul, uphonsa ithawula emuva kokuthola ukuthi umlisa obesho amashushu ngaye uyiqola elinembobo ekhaleni futhi usewake inqwaba yabantu. Kwesinye seziqephu zohlelo olungempilo kaZahara iZahara: As I Rise, umculi wengoma yodumo ethi Loliwe, ukhuluma ngokuba ngunkosikazi waseSwatini, nangokukhulelwa.
Kuleli sonto uZahara ugonyulukile ngokusala encela izithupha emuva kokuqolwa yilo mlisa, esiligodlile igama lakhe ngoba akatholakalanga ukuba aphawule. Umculi ubhale ezinkundleni zokuxhumana exwayisa abantu ukuba bamqaphele ngoba unguwaka, wathi uyaziqhelanisa naye ngoba uhamba eqola abantu ngokusebenzisa igama lakhe.
"Ngahlangana naye kuphela ngesikhathi engiqashe ukuba ngizonandisa eSwaziland, sabe sesithatha izithombe endaweni yomcimbi. Kwakunamakhosi, angangifakazela," kuchaza uZahara.
Uqhube wathi umlisa umqole inqwaba yemali, okwenza wagcina eseziqhelanisa naye.
"Manje ngizwa kuthiwa uhamba eqola abantu, esebenzisa igama lami. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi angihlanganise lutho naye futhi akunasivumelwano sebhizinisi esingihlanganise no...(emgagula ngegama). Angisaxhumani naye. Ngiyacela nimqaphele," kusho uZahara, exwayisa abantu.
UZahara ngenyanga edlule uhlabane ngendondo yeBest Female Artist kuma-African Entertainment Awards, e-USA.
Ukhuluma kanjena nje uZahara, kunowesifazane obhale enkundleni yeWhatsApp wacela ukuxhunyaniswa nomculi ukuze amxwayise ngalo mlisa oseqole inqwaba kanye naye. UZahara ube esebhala isexwayiso maqede wasinameka emakhasini akhe asezinkundleni zokuxhumana.
Ophenyweni lweSolezwe lithole ukuthi umlisa ungunontandakubukwa ohlale esemithonjeni yezindaba ngezinto ezingasile. Waziwa ngamagama ahlukahlukene futhi kuke kwashaywa amakhala ngobuhlobo bakhe neNdlunkulu yaseSwatini.
Sengathi uZahara akanayo inhlanhla kwezothando njengoba eseke wakhonjwa kumsakazi woMhlobo Wenene, u-Amaza Ntshanga, Ian Sibiya nakuDkt Nyamezeli Japtha. NgoNovemba nyakenye waveza omunye umlisa kodwa wangachaza okuningi ngaye.
Ohlelweni oluzoqala ukukhonjiswa kuSABC 1 ngoFebhuwari 4, uZahara ubonakala echaza ngembangela yokudalula, nokubalisa ngokudliwa kwendlu yakhe. Uzwakala ethi wancamela ukucela iminikelo kunokuvula amathanga, aqwayize. Kuzombuleka ukuthi lo mculi usinde edlelwa isithabathaba somuzi, nemoto yakhe.
Leli shobolo belilandela elokuboshwa kwakhe emuva kokungalubhadi enkantolo lapho ayebhekene necala lokudoja ukukhokhela intela. Imizamo yokuxhumana naye siqu iphunzile, kwahluleka ngisho sekungenelela imenenja yakhe nesihlobo sakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.