UKUHLASELWA wumkhuhlane nokugula kukanina, kuphazamise ukuqoshwa kwe-albhamu entsha nebhekwe ngamehlo abomvu yesilomo sikamaskandi, uSenzo "Ntencane" Zondi.
Lesi sihlabani sahlukanisa unyaka oKhozini ngengoma ethi Wawuthembeni, neshisa izikhotha ngonqambothi oluthi Bayangisabawela, ngoLwesine sidalule izindaba ekhasini laso leFacebook.
Ubhale kanje uNtencane: “Kangisiye umuntu omemezela ngokuthi i-albhamu izophuma maduzane ngoba ngisuke ngifuna ukuthi ngiwuqede kahle umsebenzi bese ngimemezela sekuphothulwe konke."
Uqhube wachaza ukuthi uphoqelekile ukuba amemezele ukuthi uzokhipha ngenxa yokuthi ubethole ingqayizivele yethuba lokuxoxa noKhozi FM. "Ngagcina ngikuvezile ukuthi ngizokhipha nakuba ngangingakazi ukuthi nini."
Uthe izinhlelo zokuqopha ziphazamisekile ngoba usuke wabanjwa wumkhuhlane kwagcina sekubhimba izinhlelo zezinsuku zokungena estudiyo.
"Nalezo zinsuku seziphinde zaphazanyiswa ukugula kukamama osesibhedlela kumanje. Angikwazi ukushiya isimo sakhe singakabi sihle, ngiyohlala eGoli, ngiqophe. Umama uyikho konke kimi. Ukungaphili kwakhe kuyangiphazamisa."
Eqhuba uthe uma unina esheshe walulama i-albhamu yakhe izophuma ngezinsuku asezihlelile.
"Kodwa uma kuqhubeka sesiyobona ngonyaka ozayo, ngane zakwethu," kuphetha uNtencane.