KULELI sonto uCHARLES KHUZWAYO udumisa nenkakha yomculo we-kwaito, uSandy B, owake wahlabana ngePlatinum Disc ngenxa yenoni elalithi Amajovijovi. Ngenyanga ezayo uyonandisa emcimbini oseGermany ngomhla ka-18
CHARLES (CK): Ungomunye wabaculi bakuleli abangasapheli phesheya kwezilwandle njengoba nyakenye bewunandisa eBelgium naseGermany. Ngabe kodwa unabo ubudlelwano noNkulunkulu?
SANDY B (SB): Yebo nginabo impela ngoba ngikholelwa ukuthi ukuqashwa kwami kangaka phesheya kuyizibusiso ezivela kuMdali.
CK: Ngiyajabula ukuzwa lokho. Ngabe lobu budlelwano busukaphi?
SB: Kwakunesonto kwamakhelwane eHammarsdale lapho engazalelwa khona, engangisonta kulo. Nomama ngisemncane wayehlezi ethi ufuna ngibe umfundisi.
CK: Yisiphi isehlakalo esaqinisa ubudlelwano bakho noNkulunkulu?
SB: Yingesikhathi ngilahlekelwa yikhaya ngezikhathi zodlame lweminyaka yo-1980 nokungamazi ubaba ongizalayo kwenza ngibone ukuthi uNkulunkulu kuphela engokhalela kuYena.
CK: Eish kwabuhlungu ukuzwa lokho. Yiliphi ibandla okhonza kulo?
SB: Angilikhethi ibandla. Nginokuya noma ikuliphi kodwa ngathi ngogcina kwelamaSulumane ukuze mhla ngihamba ngifihlwe ngalo lolo suku engidlule ngalo emhlabeni.
CK: Yiliphi ivesi elikubusisayo eBhayibhelini futhi libaluleke ngani kuwe leli vesi?
SB: Umshumayeli 12:8. Lithi 'Konke Kuyize leze.' Kuzona zonke izinto ezibangwayo emhlabeni ezenza abantu bangaphilisani kahle kulesi sikhashana abanikwe sona, bazozishiya noma inini. Umona nenzondo akunasidingo.
CK: Emahubeni esonto ukhonze liphi futhi yini esemqoka kuwe ngaleli culo?
SB: Ngiyazi Inkosi Izoyilungis' indlela yam.' Le ngoma inginikeza ithemba lokuthi kukhona okukhulu okuhle engibekelwe khona uma ngiqhubeka nokwethemba uMdali.
CK: Sesiphetha, yisiphi isono owake wangena kuso futhi ozisola ngaso kakhulu?
SB: Esokunquma isihlahla kanti naso sinempilo, salethwa uNkulunkulu ukuze siphilisane nazo. Ukuze nathi siphile kuhle siphefumule kahle, siyazidinga.