KUMNIKE ugqozi uDlala Thukzin, ukuqokwa kwakhe kuma-African Muzik Magazine Awards (Afrimma), ngoba uthi “kusho ukuthi umsebenzi uyabonakala”.
Ngokokuqala ukuthi uDJ odabuka elokishini laseLamontville, eThekwini, aqokwe emiklomelweni engaphandle kwakuleli. Ekhuluma nephephandaba uzwakalise ukukujabulela ngenhlanhla emehlele ngoba eqokwe emkhakheni weBest Male Southern Africa.
“Lena yinto enkulu kakhulu kumina ikakhulu uma ubheka izinkakha engiqhathwe nazo kuleli qoqo. Ngibonga kakhulu kubo bonke abadlale indima eholele empumelelweni esengiyibonela eduze,” kusho uThukzin.
Phakathi kwabaculi bakuleli nabakwamanye amazwe, aqokwe nabo kubalwa uMaster KG, Focalistic, Zakes Bantwini, Mark Exodus no-Edgar Muzah.
UThukzin uthe umculo uwuthanda ngenhliziyo yakhe yonke futhi kuyisibusiso esimgqugquzelayo uma kuvela ukuthi baningi abanye abalibonayo ithalente lakhe. Mayelana nendondo yama-Afrimma uthe uyazazi ukuthi usemncane kodwa uyazithemba ukuthi mkhulu umsebenzi asewenzile kule ndima, okuyinto emenza afune ukubuya nayo.
“Sengithembe abalandeli bami ukuthi ngeke bangilahle sesihambe ibanga elide kangaka nabo. Ngicela bavote ngobuningi babo ukuze senze isiqiniseko sokuthi le ndondo sibuya nayo siyiKZN,” usho kanje uDJ.
Wunyaka wesishagalolunye uhlelwa umcimbi wezindondo kanti nonyaka uzoba ngoNovemba 19, eDallas, eseTexas, eMelika.
Ukuvota kuvulelekile ngokungena ku www.afrimma.com.
Ezinye zezingoma zikaThukzin ezimbeke ebalazweni iNika Nika, Small Boys apike kuyona iKususa noBongo, Phuze, Naba Laba.
NgoMeyi uDlala Thukzin waba sematheni ngesikhathi ehlanganisa ikhonsathi yokuqala eyayiseBerea Rovers, eKings Park. Wayebungaza asekuzuzile endimeni yomculo, wadalula nokuthi ubethandana nenqwaba yabesifazane ngesikhathi esisodwa emuva kokusabalala kwezithombe zabesifazane bekwakhe.