UMCULI odume ngezingoma zothando uNaima Kay, uthi uyazi usebathembise kakhulu abantu i-albhamu entsha kodwa naye kube ngaphezu kwamandla akhe ukuhlehliswa kokuphuma kwayo.
UNaima, owazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzo Lelilanga, Thando nezinye, selokhu agcina ukukhipha i-albhamu ngo-2016.
Wagcina ngethi It’s All About Love. Ngaphambi kwalokho wayekhiphe iNgiyavuma ngo-2014 eyayilama Umsebenzi ayikhipha ngo-2013.
“Ngiyaxolisa kakhulu kubantu sengibathembise isikhathi eside ukuthi i-albhamu iyeza.”
“Mina nethimba lami besithi sizokhipha ngo-Agasti kwavele kwaba neCovid-19, sadideka sonke. Besisaba ukuthi mhlawumbe ngeke idayise, ngeke siqashwe ndawo ukuthi siyocula ngakho besingafuni ukuthatha amashansi sase sibona ukuthi asime. Manje sesizokhipha uma kuqala unyaka ozayo mhlawumbe ngoFebhuwari noma ngoMashi.”
Uthe ngeke kuthuleke abantu belindile yingakho ngoLwesihlanu ekhipha ingoma entsha ethi Imimoya aseqalile ukuyicula ezindaweni aqashwa kuzo.
“Ngisebenze noSphiwe Jula kuyo nongumdidiyeli wami esenza naye, uThando. Ingoma ngeyokholo kodwa eshaya ngesigqi se-house.
“Ngiyibhaliswe yizinto ezenzeka ezweni. Njengomuntu okhulele esontweni ngiyabona ukuthi kukhona konke okwenzekayo ezweni yingoba uNkulunkulu usicasukele ngakho ngimcela ukuthi ehlise umoya. Uyasikhombisa ukuthi Nguye umikazi wakho konke.”