SEKUQALILE ukwamukelwa kwemingenelo emiklomelweni ama-Metro FM Music Awards azobuyela eMpumalanga ngonyaka ozayo.
Le miklomelo ibuye ngonyaka odlule ngemuva kokuhlaba ikhefu leminyaka emihlanu.
Kusukela ibuyile ilokhu iba seMbombela nokuyindawo ezoba kuyo futhi nangonyaka ozayo. Abaxhasi abakhulu okuwuMasipala waseMpumalanga neMotsepe Foundation nabo bakhuza ibuya.
“Siyajabula ngokuvula imingenelo yama-Metro FM Music Awards ka-2025 ngemuva konyaka lapho kukhishwe khona umculo ohlabahlosile esikhathini lapho izwe beligubha iminyaka engu-30 yentando yabantu,” kusho umphathi we-Metro FM uKina Nhlengethwa.
“Kulo nyaka asenzanga njengaseminyakeni edlule lapho besiqala ngokwethula imiklomelo bese sivula imingenelo kodwa sikhethe ukuthi sibanikeze isikhathi esanele abaculi abavumeleke ukungenela ukuthi bathumele. Sesijahe kabi ukuyibona imingenelo sigubhe ukuhamba phambili emculweni eNingizimu Afrika!”
Ukungenela kuvulelwe ukuba kube phakathi kukaDisemba 1 noFebhuwari 2 2025. Abavumeleke ukungenela ngabakhiphe ama-albhamu noma izingoma ezihamba ngazodwa phakathi kukaFebhuwari 28 2024 noFebhuwari 28 2025.
Abaqokiwe bazomenyezelwa emcimbini ozoba ngoFebhuwari usuku nendawo okungakaqinisekiswa.
Phakathi kweminxa engenelwayo kubalwa owe-Best Gospel Album, Best Jazz Album, Best Produced Album, Song of the Year, Best Viral Challenge neminye.
Emcimbini wanonyaka owawungo-Ephreli 27, uhlelo lwaluphethwe nguProverb noLootlove. Kwahlonishwa u-DJ Oskido nge-Lifetime Achievement Award.
Khonamanjalo, uyaqala ngoMgqibelo umjikelezo wesiteshi i-Metro FM Heatwave. Uzoqala eZula Beach eRichards Bay lapho kuzobe kunandisa khona i-TKZee, Master KG, DJ Tira, Somizi Mhlongo nabanye.
Uzodlulela e-East London ngoDisemba 14, Emperor’s Palace ngoDisemba 21 bese usongwa eKapa ngoDisemba 28.