UMCULO kamaskandi nowombhaqanga ngeke uphinde ufane nakuqala kulandela ukudlula emhlabeni kwengwazi yomdlali wesigingci sebhesi u-Aaron "Maqhude" Mkhize, obedume ngeleNdlala Beyiduda Beyithengel' Amasaka, Usoka Lentombi Beyilaph' Endlini.
La mazwi angasenhla ashiwo yinkakha yomculo we-Afro Jazz kodwa esiyikhansela le-DA eKurhuleni, uBongani Nkwanyana, eqinisekisa ukushona kukaMaqhude (63) izolo.
"Ngaqala ukuhlangana nalo mngani wami omkhulu ngo-1986 emigwaqweni yaKwaMashu futhi sakhula ndawonye," kusho uBongani ocule neBig NUZ engomeni ethi Ntombenhle noThandiswa Mazwai kwethi Ucijimpi.
UShwi Mantombazane uthe uphatheke kabuhlungu ngoMaqhude ngoba ubesiqongqotha isigingci sebhesi ezingomeni zakhe nakwezabanye abaculi.
UKhuzani uthe kubuhlungu futhi akukholakali, maqede wafaka i-video enoMaqhude e-studio. Abafana BakaMgqumeni bathe ngeke bangakhali ngoba balahlekelwe kakhulu ngoMaqhude.
Leli ciko laKwaMaphumulo, e-KZN, liqale ukungena liphuma ezibhedlela emuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2020 kangangoba ligcine lingasakwazi ukukhuluma kahle nokuzenzela izinto.
Umkakhe, uMariah, wadalula ukuthi isifo sohlangothi samhlasela esegaraji ethela uphethroli.
Waqala ukudlalela izinkakha zabaculi ngabo-1970. Kusukela lapho uMaqhude akaphindanga wabheka emuva, ugcine esedlalela abaculi abaningi okubalwa kubo oMtshengiseni Gcwensa, Mgqumeni, Ntencane, Izingane Zoma, Ofeleba, Abakhwenyane, Zanefa, Amabongwa, Abangani nabanye abaningi.
Ngenxa yobuchule nobuciko bokubhambabula isigingci sebhesi, uMaqhude waze wahlabana ngomklomelo weBest Bass Guitarist kuMantshontsho Kamaskandi Awards futhi wahlonishwa nguMasipala waKwaMaphumulo ngeqhaza lakhe ekuqhakambiseni le ndawo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwabomndeni ayiphumelelanga.