EMUVA kweminyaka elishumi enyamalele emculweni wokholo, uPastor Sbongiseni Mbonambi, ukhuze ibuya ngonqambothi lwengoma ethi Sinikiwe Amandla. USbongiseni waseDanganya, okuyindawo ephakathi koMgababa noMkhomazi, uthe uqhamuke nale ngoma ngenhloso yokukhumbuza nokugqugquzela abazalwane ukuba basebenzise amandla abanikwe wona ukunqoba zonke izivuvaba zomhlaba. Le ngoma ikhuthaza abantu emuva kwezikhukhula, izibhelu neCovid-19 okubhubhise inqwaba yabantu kuleli.
Yize uSbongiseni engadumile kangako emculweni kodwa usemnkantshubomvu kule ndima. Uthe waqala ukuthanda umculo esemncane ngaphambi kokuyozinza eGoli.
"Ngaqala ukuthanda umculo nokucula ebuntwaneni bami. Cishe ngangineminyaka elishumi.
Sekube isikhathi eside ngithe khumu kwezomculo njengoba sengibuyela kuwo futhi manje ngenxa yokuthi ngingumuntu okholelwayo ekuzweni iphimbo likaNkulunkulu kunoma iyiphi into engiyenzayo."
Uthe wagcina ukuqopha izingoma ezimbili ngo2010 kodwa wagcina engazikhiphanga ukuba zizwakale emphakathi ngenxa yokuthi uNkulunkulu akavumanga. Uthe uNkulunkulu wayefuna aze akhiphe umculo wakhe ngesikhathi esifanele.
Leso sikhathi sesifikile emuva kweminyaka engamashumi amabili nesihlanu." USbongiseni uthe iNkosi imuphe umyalezo ebifuna ukuba awudlulisele ikakhulukazi ebandleni layo. Uthe umyale ngomoya oyingcwele okuyiwo odlala indima enkulu ohambeni lomzalwane noNkulunkulu. "Isikhathi esiningi izinto ziyonakala kumzalwane noma ebandleni ngenxa yokungabibikho kukaMoya oNgcwele okanye ngenxa yokulimala kobudlelwane bomzalwane noMoya oNgcwele.
Lapho uMoya oNgcwele engaziwa khona okanye aziwa kodwa ecimiwe, kuvamisile ukuba nobuthakathaka nokwehlulwa komzalwane ehlulwa izinto okumele ukuba ngabe uyazinqoba ukuba uMoya oNgcwele ubenikwe ithuba lokusebenza." Uthe inhloso yale ngoma ukukhumbuza nokuqinisekisa umzalwane nebandla likaKhrestu ukuthi uNkulunkulu usinike amandla.
"Mhla simamukela, sikholwa nguye nangamhla sigcwaliswa ngoMoya wakhe oNgcwele oyisipho kubo bonke abakholwayo.
Umculo wami uyatholakala kuzo zonke izitolo zomculo ezitholakala ebuchwephesheni bezokuxhumana phecelezi- online/digital stores," kuphetha uSbongiseni.