LIGEZEKILE igama lomculi owaduma kuma-Idols SA, uMthokozisi Ndaba. Lokhu kungemuva kokuhoxiswa kwecala lokudlwengula ngoMashi 28, ngenxa yokungafiki kukammangali eNkantolo yeMantshi eNtuzuma.
UMthokozisi uthi uthole isifundo ngenxa yecala lokudlwengula ebelimgqigqisa enkantolo kusukela ngoSepthemba 10, 2022.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi icala lihoxiswe ngoMashi 28, ngenxa yokungafiki kukammangali selokhu kwaqala ukuthethwa kwecala. UMthokozisi uthe ujabule ngoba kuvele obala ukuthi umsulwa kodwa waboshelwa amanqina enyathi yintombazane yaseNanda.
Echaza uthe nakuba alala nentombazane kodwa akayidlwengulanga.
"Ngangisendaweni yokucisha ukoma ngasekhaya. Ngabona usisi owayebhema ngayocela ukuba angibhemise," kuchaza uMthokozisi.
Uqhube wathi bavumelana nosisi ngokuthi uzomhambisa kubo eNhlungwane, eNanda, ngezikhathi zasekuseni. Uthe wayithatha intombazane wayisa kubo kodwa yona yathi
“Sewuyangihambisa kanjalo nje. Sekuyakhanya. Ngabe sengithi asithole indawo ukuze sazane kangcono. Ngabe sengipaka eFreedom Park, lapho safika saqabulana sabe sesilalana.”
Uthe emuva kokuzitika ngocansi wamhambisa ummangali kubo lapho bafike bathi ukuzixoxela ngasesangweni lakubo.
"Wabe esethi ufuna ngimsize ngemali engangoR1 500 ngoba ufuna ukuyisa ingane enkulisa bese enye eya ngayo emsebenzini. Bese ngithi ngizombona ngezikhathi zantambama. Kwathi sekushaye izikhathi zantambama zadlula ngoba ngangithe ngizombona ngabo-5 ntambama."
Uthe kwathi ngezithuba zabo-8ebusuku kwatheleka amaphoyisa athi kunentombazane yaseNhlungwane, ethi uyidlwengulile. Uthe wahlala izinsuku ezintathu ejele laseWestville, ngenxa yokungafiki komuntu owayezomkhokhela ibheyili. Uthe igama lakhe lamosheka emphakathini ngoba kwabhalwa ngaye emaphephandabeni nasezinkundleni zokuxhumana futhi walahlekelwa yizinto eziningi.
Uthe ugqigqe, egqigqile enkantolo kodwa owamvulela icala engalubeki olwakhe unyawo. Uthe akambambele amagqubu ummangali nakuba alahlekelwa ngabaxhasi abaningi kanti nomkakhe ubechithwa uma ecela uxhaso ngecala.
Ubonge kakhulu uNkulunkulu namadlozi ngokumtakula osizini abebhekene nalo. Unxuse ukuba ibhekwe indaba yabantu besifazane abathi badlwenguliwe ekubeni besenga ezimithiyo. Uzisole kakhulu ngokuphingela umkakhe
."Ngiqwashisa abantu abahlale behamba nabantu besifazane ezindaweni zenjabulo ukuthi akuwona wonke asuke eqomile kodwa amanye ayasebenza," kuphetha uMthokozisi.