ISIHLABANI sekwaito uBonginkosi ‘Zola 7 ‘ Dlamini, sithi siphezu kwezinhlelo zokubuyisa uhlelo lwaso lwethelevishini olwalungaconsi phansi emphakathinin ngenxa yendima elayiklama ekutakuleni abantu ababexakekile.
Ekhuluma kwiPodcast and Chill with MacG, uZola uthe uxoxa noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Zizi Kodwa, ukuba aseke uhlelo ngesamba sikaR20 million.
Ethintwa uKodwa, ukuqinisekisile ukuthi unezingxoxo noZola.
Echaza ngezinhloso zakhe uZola, uthe kulokhu ngeke asebenze yedwa kodwa uzofuna abantu azobambisana nabo esifundazweni ngasinye.
Uchaze kanje ngezinhloso zakhe uZola: "Ngifuna ukuthola abantu abazoba ngoZola 7, isifundazwe, nesifundazwe ngoba ngeke ngikwazi ukwehla ngenyuka ngedwa. Isifundazwe, nesifundazwe ngizobheka ukuthi intsha yenzani. Mina ngizobe sengiyihlangabeza kwesikuqalile.
“Ngizobe sengihlanganyela nayo. Ngizozama ukuyitholela imali yokuxhasa umsebenzi ewenzayo. Kwesinye isiqephu ngeke kuze kube nesidingo sokuthi ngibe kwithelevishini. Ngizothola abantu kulezi zifundazwe ukuba basebenze nami ukuze kwesinye isikhathi ngithumele bona."
UZola uqhube wathi yize uhlelo belumhlukumeza engqondweni ngenxa yokuzwa izinkinga zabantu kodwa akakaze athole ukwelulekwa ngokomqondo.
Kwenzeka lokhu nje, kwiSABC 1 kuzokhonjiswa iqophamlando ngoZola kuSABC 1 ngeSonto ngo-6 ebusuku. UZola uthe kumthathe iminyaka emithathu eqopha lo msebenzi ngenxa yokuthi ubehlushwa wukugula.
"Ngike ngagula kabi.Besiqopha sibuye sime izinyanga eziyisithupha. Le-documentary ikhuluma kabanzi ngesikhathi ngingena emculweni."
Uthe umsebenzi omningi wenziwe ngaphansi kwenkampani yakhe ngenxa yokuthi ufuna ukufundisa amaciko ukuba ngabanikazi bemisebenzi yabo yezobuciko. Udalule ukuthi useshadelwe ngokwesilungu kodwa sekusele agcagcelwe ngokwesintu kodwa akulula ngoba kuyabiza ngenxa yezibizo.