ISILOMO sikamaskanda sikhuthaza abesilisa ukuthi nabo bafunde ukuthobela amakhosikazi, kungabi nganxanye kushunyayezwe abesifazane kuphela. UQhosha Ngokwezakwakhe ukhiphe i-albhamu enezingoma eziwu-15 ethi Tears of Joy.
Lo mculi uthi iyamjabulisa indlela abantu abayamukele ngayo le albhamu. Ingoma ethi Uyakwehlula vele nebhekiswe kwabesilisa, ngenye yezingoma ezikhombisa ukuba nesasasa kubantu.
"Indoda kumele ivume ukuhlulwa umkayo ngoba awukho umuzi ongakhiwa indoda engahlulwa. Kumele noma kuphuzwa ikwazi ukuya ekhaya ngesikhathi ngoba umkayo uzothetha," kubeka uQhosha.
ITears of Joy uQhosha uthe iqukethe izingoma eziningi ezahlukene nokuzokwenza kube lula ukuthi wonke umuntu athole ayithandayo okubalwa nezokholo.
Ngaphandle kwale ngoma yamadoda, kukhona eyenkolo ethi Zisathi Ziyahleka. Le ngoma ayisuselwe ebandleni elithile kodwa uhlose ngayo ukubuyisa ithemba kubantu. UQhosha uthe le ngoma inhloso yayo enkulu ukuqinisa abantu ababhekene nezimo ezahlukene empilweni nabalahlekelwe ithemba.
Le albhamu uthe isiyatholakala ezinkundleni zomculo futhi nabantu sebeyakwazi ukuyithola nakuye uma kuhleliwe.