UMCULI owalala isibili emncintiswaneni wengoma yokuhlukanisa unyaka emsakazweni Ukhozi FM, ngengoma ethi Inja Endlini, usolwa ngokushaqa owayeyintombi yakhe emzini egoyile yize sebahlukana.
Lo mculi kamaskandi, uThulani "Skweletu" Chiliza, kuthiwa wayethandana nale ngoduso eminyakeni emibili eyedlule, okumanje ifunda uGrade 12. Njengamanje lo wesifazane osemncane kuvela ukuthi uselotsholwe ngenye indoda ethe ingamlobola yase icela ukuthi ayohlala emzini.
Unina wale ngoduso okungowaseSantombi, endaweni yaKwaSihoqo, uthe isenzo salo maskanda simhlukumezile kakhulu ngoba uzithola ephoxeka kwazise umkhwenyana wendodakazi yakhe ulobole ngendlela exakile.
"Nginengane eyalotsholwa yagana. Yacelwa ngo-2021. Abasemzini base becela ukuyithatha ngoba ekhaya akukho muntu. Kwahlangana umndeni kwavunyelwana ngoba walobola kakhulu. Kuthe ngoJanuwari 31, lo mfana owuSkweletu wahamba waya emzini wendodakazi yami, wafike wayithatha.
“Ngezwa ngabantu kuthiwa uyithathile. Ngazama ukuthola inombolo yakhe ezihlotsheni zami ezingale."
Uthe waxhumana nalo mculi ngalolu daba, wambuza ukuthi ukwenza kanjani ukuthi athathe umakoti womuntu eganile, futhi elotsholiwe nokwenza esemzini?
Uthe uSkweletu wamtshela ukuthi uNtando wayeyintombi yakhe ayezimisele ngokuyilobola.
"Ngambuza ukuthi wayekelani ukumlobola aze alotsholwe nje, kodwa wathi wayengakabi nawo amandla. Ngabuza ukuthi njengoba eseneminyaka emibili eganile futhi esenengane, ngempela uqonde ukwenzani?"
Ethintwa, uSkweletu uthe unina wale ngoduso usenga ezimithiyo ngoba usezame kaningi ukuhlukana nendodakazi yakhe kodwa ingafuni. Uthe waqala ukuthandana nayo beseyizingane futhi isahlolwa kodwa babuye badukelana. USkweletu uthe intombi iyona ebuyile ngoDisemba, njengoba uSkweletu eseshisa izikhotha ngengoma ethi Inja Endlini, ephume isibili kwiTop 10 yoKhozi FM.
Eqhuba, uthe uNtando owathi akamvakashele kwakhe lapho bentshontshana khona njalo ebusuku. Uthe uze weqa emzini ngoDisemba 31, ukuze babe ndawonye kubo.
Eziphendulela lo wesifazane, uthe uSkweletu unamanga aluhlaza ngoba yena usamthanda umyeni wakhe futhi akaganisiwe ngenkani.
"Ngihlezi naye, angivalelwe ngoba ngiyafunda. Angikaze ngaphuphunyelwa yisisu noma ngamitha. Ngihleli naye ngoba ngimthanda hhayi ngoba..." kuchaza uNtando.
USkweletu uthe uyaxakeka ngoba lo wesifazane ubexoxa naye kuleli sonto elokhu emtshela ukuthi waganiswa ngenkani ngunina.
Uthe uzwe kuthiwa ukhulelwe ingane yakhe kodwa kuke kwazanywa ukuba akhiphe isisu. USkweletu uthe yize abezimisele ngokumlobola kodwa manje ngeke kusalunga.