UMCULI kamaskandi ngokuzalwa ongowaseXobho, usekhiphe i-CD ahlose ngayo ukukhuthaza amadoda anezinkinga ezahlukene zocansi ngokungafeli ngaphakathi, kodwa asukume alwele ukuthola usizo.
UNhlaka Miya (30) ukholwa wukuthi kumqoka kakhulu ukuthi abantu besilisa bakhunjuzwe ngokubaluleka kokukhuluma ngazo zonke izimo ezinzima abazithola bebhekene nazo empilweni.
Lo mculi uthi ngenhloso yokusabalalisa leli vangeli kubantu besilisa ugcine esekhetha ukuthi amane akhiphe i-album esihloko sithi I am sorry.
Uthe lawa ngamagama avamise ukushiwo ngabantu besilisa kwabesifazane abathandana nabo uma sekutholakala ukuthi babhekene nalesi simo.
Lo mculi uthi ukhethe ukuthi amane asebenzise umculo kamaskandi ukudlulisa lo myalezo ukuze kubelula ukuthi ufinyelele ezindlebeni ezifanelekile.
"Baningi abantu besilisa abazithola bebhekene nezinkinga ezahlukene zocansi. Inkinga enkulu abayenzayo ukumane bakhethe ukufela ngaphakathi, bangakhulumi,'' usho kanjena.
Ngale albhamu ukholwa wukuthi bazoba baningi abesilisa abazothola isibindi sokuphumela obala, bese bethola usizo.
''Okuyikhona engikuhlosile ngayo ukukhuthaza abesilisa ngokungahlali phansi nje bathule, ekubeni bazi kahle ukuthi banenkinga ejule kangaka,'' egcizelela.
Uthe ngokwazi kwakhe umculo unamandla okufinyelela kubona bonke abantu ngesikhathi esisodwa.
Wathi yingakho-ke naye ekhethe ukuthi lo myalezo akholwa ukuthi ubalulekile kakhulu ebone kungcono ukuwufafaza esebenzisa ithuluzi lomculo.
Lo mculi uthe naye akakufihli nje nhlobo ukuthi uke wazithola ebhekene nale ngwadla. Uthi kodwa akazange azithele ngabandayo wasukuma, kuyimanje, uselutholile usizo abeludinga.
Lo mculi uthi ukhule ebukela kubaculi abaphambi kwakhe asebeklame le ndima enkulu kumaskandi, phakathi kwabo abale uPhuzekhemisi, iNyonemhlophe neChwane leBhaca.