KUYAMGQUGQUZELA ukwesekwa wumndeni wakhe futhi usuyasiqonda isizathu esenza ukuthi ayishaye indiva imfundo kepha anamathele emculweni.
Umculi wamapiano osedume emazweni uPabi Cooper, ogama lakhe langempela nguPaballo Mothapo, udalule lokhu ngenkathi echaza indlela umndeni wakhe osumeseka ngayo ngethalente lakhe lokudansa nokucula.
Intokazi eyaziwa emculweni ngengoma ethi Isiphithiphithi, lapho epike khona uReece Madlisa noBusta, ngeledlule ikhiphe i-EP ethi Cooperville, kanti inezingoma eziyisishagalombili.
“Ngisaqala umndeni wami ubungayizwa kahle indaba yokungena emculweni ngoba ukholelwa emfundweni kakhulu. Ukusebenza kanzima kwami bekuyindlela yokuzibonakalisa kubona ukuthi yinto engizimisele kangakanani ngayo,” kuchaza uPabi.
Uthe kumanje bayameseka ngokugcwele ngoba sebeyabona ukuthi lokhu akukhethile kuyamsebenzela.
Mayelana nempumelelo yomculo wakhe uthe uhlela ukuhambela amadolobha akuleli ukuze ajabulise abalandeli bakhe ngoba usevamise ukuya emazweni aphesheya.
“Ngifuna ukuhambela amadolobha asekhaya kuqala ngaphambi kokuthi ngiphinde ngiphume ngiye emazweni angaphandle nalo msebenzi wami omusha,” kusho umculi.
Kule EP entsha usebenzisane nezintandokazi zabaculi bakuleli okubalwa uLady Du, Focalistic, Blxckie, Mellow & Sleazy, Nobantu Vilakazi, Ch’ cco nabanye. Echaza ngokuhlanganiswa kwayo uthe uyiqophe ngoFebhuwari kanti ziningi ezinye izingoma ezigcine zisala, azozisebenzisa ngokuzayo.
Uthe uyabonga ukuthi izinto zimhambela kahle futhi usazimisele ngokugxila emculweni kuqala, akafuni ukugxumela kweminye imikhakha.
“Ngizitshelile ukuthi noma ngabe ngithola amathuba okwethula izinhlelo noma ukulingisa ngizowamisa kancane ngize nganeliseke ukuthi sengilapho engifuna ukufika khona emculweni,” usho kanje uPapi.