INGWAZI yomculo wekwaito negqom' uMandla "Mampintsha" Maphumulo, ikhunjulwa ngengoma ngumculi obebukela kuyo.
UFunda Magic Mpungose (28) waseMandaba, eNkandla, ukhiphe ulozolo lomucu ngenhloso yokwethulela uMampintsha isigqoko. UMfundas Musiq okuyigama adume ngalo uthi, ukudlula kukaMampintsha emhlabeni kwamphatha kabi ngoba wayenesifiso sokwenza ingoma naye.
UMfundas Musiq ubeke kanje: "UMampintsha umculi engikhule ngibukela kuye futhi nginesifiso sokufana naye. Yingakho ngashaqeka ngesikhathi ngizwa izindaba zokushona kwakhe ngoDisemba. Ekuqaleni kwalo nyaka ngibe sengenza ingoma ngaye yize ngingakaze ngikhulume naye."
UMfundas Musiq uthe umucu othi Mampintsha, uzowuthula ngokusemthethweni ekupheleni kwenyanga. Lo mculi ohlobene nesihlabani sikamaskandi uKhuzani Mpungose, uthe useneminyaka eyibambile kwezomculo kodwa ugxile kuyo emuva kokuphothula uGrade 12, eSenzela Secondary. Ngonyaka odlule uqokwe kumaGama Awards nakumaLive Your Dreams Awards.
"Ngiqale ngo-2010 ukuzama endimeni yomculo, kwathi ngo-2016 ngaya eThekwini, lapho ngahlangane khona nomdansi wase-Afrotainment, (uSgaqa). Ngamchazela ukuthi ngiwumculi kodwa ngishoda ngokuqopha umculo wami, ngakho ngifisa angiphushele wona ukuze usabalale nezwe lonke. Ngebhadi saphazanyiswa ukuthi asikabi nalo ulwazi ngokusabalaliswa komculo."
Nakuba kunjalo uthe uqhubekile ewa evuka, ethumela umculo wakhe ezinkampanini kodwa zimchitha. UMfundas Musiq akaphelanga amandla.
"Kwathi ngo-2019 ngacabanga ukuthi ukhona umuntu ongangisiza kule simo engibhekene naso ngoba sidinga imali phakathi lapho ngingenalutho. Umuntu wokuqala owangifikela emcabangweni ubaba uThamsanqa Ntuli, owayeyiMeya yaseNkandla kodwa oseyiMeya yaseKing Cetshwayo District Municipality," kulandisa uMfundas Musiq.
Uthe uNtuli wamxhumanisa nabaculi bekwaito, uSosha noBullistic asebenza nabo iminyaka emibili kodwa akwangalunganga. Kwathi ngo-2019 uMfundas Musiq wabhekisa amabombo eGoli, eyofuna amadlelo aluhlaza. Ngenhlanhla wahlangana noBig Zulu athe wamcushisa kabanzi ngokubhaliswa komculo nokusungulwa kwezinkampani. Uthe ube esesungula inkampani yakhe iFundas Musiq Records ngo-2020, akhiphe ngaphansi kwayo ingoma ethi, Mampintsha.