INGWAZI yomculo wekwaito,u-Arthur Mafokate, iyaziphendulela ezinsolweni zokuthi ingomunye wabantu ababhubhudla imali yeLotto.
Ephekwa ngemibuzokwiYouTube Channel, lomculi wodumo lwengoma ethi Kaffir nethi Vuvuzela unxuse ukungaphawuli lutho ngezinsolo abhekene.
Uthe uzonikeza uphiko olukhethekile lwabaphenyi, iSpecial Investigating Unity (SIU) ukuba lulandele lezi zinsolo luzelufike ekugcineni nazo.
"Ngizophawula enkantolo," kushaya ngezinqamulelayo u-Arthur. Ukuvezile ukuthilezi zinsolo zimhlukumezile yena nomndeni wakhe, maqede wanxusa amsola ngokubhebhezela lezi zinsolo ukuba ahlukane nomndeni wakhe, kodwa abhekane naye ngqo.
"Akayeke ukuthumela abazali bami imiyalezo ngoba sebeyagula. Akahlukane futhi nezingane zami kodwa abhekane nami ngqo."
U-Arthur usolwa ngokuthi wasebenzisa imali ayithole kwabeNational Lotteries Commission (NLC) ukukhokhela indawo abeyiqashele enye yezinkampani zakhe zomculo, i-999 Music futhi wathenga ama-laptops, ama-printers, amakhamera, ifenisha nemoto abehambisa ngayo obeyintombi yakhe, uChomee.
Ubuye esolwe ngokusebenzisa inhlangano yakhe engenzi nzuzo, i-SA Arts and Development Association (Saada) ukugixabeza omunye owayeyintombi yakhe, uCici, ngesivumelwano sikaR100000 sokuqopha ngaphansi kwe-999 Music.
Lezi zinsolo kubikwa ukuthi zenziwa ngowayenguzakwabo ka-Arthur emabhizinisini, uBrian Mokoena encwadini efungelwe esiteshini samaphoyisa eMidrand.
I-SIU ibe seyishaqa izimpahla zika-Arthur, okubandakanywa nendawo yokulalisa izivakashi, iLaVilla Rosa nezabasebenzi be-NLC, emuva komyalelo woPhiko lwezokuShushisa kuleli.
U-Arthur nabantu aphenywa nabo basolwa ngokukhwabanisa isamba sikaR56.3 million seNational Lotteries Fund.
Ebuzwa ukuthi yikuphi okungamanga okubikwe yimithombo yezindaba, u-Arthur uvele wasikhihla esikaNandi, waze walethelwa amanzi yindodana yakhe uDJ AJ.
Uthe yena wenza okwakufanele ngoxhaso aluthola kodwa wathi iqiniso liyophuma ekugcineni.
Kube sekudlalwa amavideo amadala lapho kuvelakhona abaculi ababehambela inhlolokhono, okubalwa kubo noCici.
Uthe usebenzisane nezinkakha zabaculi, okukhona kuzo no-Eugene Mthethwa, Ray Phiri ukuhlwaya nokucija amaciko awavumbulule ngalolu hlelo lwakhe.