UMLINGISI ozakhele udumo ngokudlala indawo ka-Onthatile kwiGomora nekaDineo kwiGenerations, ugonyuluke ngokumenza ashime njengoba eseneminyaka agcina ukuba sothandweni.
UKatlego (45) uthe abantu abaningi besilisa bayasaba ukumqonda. Uthe okwenza lokho ukuthi ubukeka ewumuntu ongabhedelwa.
Lo mlingisi, ongumTswana odabuka eNorth West, uvumile kwiPodcast and Chill with MacG, ukuthi akazwani nomuntu oyimenemene.
"Okwenza abantu banginqene ukuthi angisiye umuntu oya le nale kodwa ngiyamqonda ngqo umuntu." Uthe uyakuncamela ukutshelwa emehlweni wumuntu wesilisa ukuthi uyamhalela kunokumqambela amanga.
Ebuzwa ukuthi akakaze yini afunwe ucansi ukuze athole umsebenzi, uthe akukaze kwenzeke ngoba unomphathi owaziyo umsebenzi futhi okwesibili umuntu uvele azibonele ukuthi akahambisani nombhedo, okwenza kube lukhuni ukuba bamenzise amanyala.
Ubuye waveza ukuthi wake wagilwa wumuntu wesilisa owayelokhu emncenga efuna ukumkhipha.
Uthe bathi sebeqedile ukudla uthi lomuntu wesilisa wamcela ukuba amsize ekukhokheleni ukudla. Eqhuba uKatlego uthe yena wayezitshela ukuthi lomlisa-mumbe wayefuna ambalise ukuthi yimalini okudingeka bayikhokhele ukudla kanti wayefuna uKatlego kube nguye okhokhela ukudla neziphuzo.
"Ukube naye wayengitshele kahle ukuthi ucela ukungikhipha kodwa akanayo imali, ngangiyosiqonda isimo sakhe."
Uthe akumphathi kahle uma izesheli zizomqhathanisa nendawo asuke eyilingisa emdlalweni wethelevishini nasefilimini. Uthe usekhathele ukuvikana namabhobhodleyana amshela ngoba ezitshela ukuthi ulingana nawo ngenxa yesiqu somzimba wakhe.
Ngaphandle kokulingisa kwiGenerations nakwiGomora, uKatlego ubuye wadlala nakwiBackstage, Isidingo, 7de Laan nasemafilmini.
UKatlego uthe okwenza angabonakali kakhulu kwithelevishini ukuthi usegxile ekudidiyeleni nasekuqondiseni imidlalo. Yize kunjalo usanda kuthola ithuba lokulingisa emdlalweni osigcawugcawu okhonjiswa kwiShowmax osihloko sithi Butcher's Soul.
Kulo mdlalo, uKatlego ulingisa noMelusi Mbhele, Vuyo Dabula, Zinhle Mabena noTshepo "Howza" Mosese.