KUWATHATHA iminyaka amanye amaciko ukuthi afinyelele esicongweni kodwa kumthathe amasonto ambalwa umdansi waseMlaza, ukuthi aphenduke isilomo.
ULucky “MaLacosta” Msane (19) ohlala kaZ kuleli lokishi ubonga iqhaza elenziwe yizinkundla zokuxhumana ngodumo lwakhe, ngemuva kokusabalala kwe-video lapho edansa khona kungadlali ingoma.
Kule video embeke esicongweni, kuzwakala ombongelayo ngesikhathi edansa ethi, “Ishuuu....Awu Dankie MaLacosta...Awuyidedele”.
Exoxa neSolezwe ngeSonto uMaLacosta ubeneme ngokuthakaselwa kwe-video yakhe ngabantu abaningi ngenxa yokudansa kwakhe.
“Bengingakaze ngicabange ukuthi ukudansa kwami kungangivulela iminyango emikhulu kangaka. Angazi ngingabonga ngithini kubantu bakuleli abangikhombise uthando kula masonto amathathu edlule,” kusho lo mdansi.
Uthe kuningi asazokudedelela abalandeli ngoba akafuni ukusonga izandla, alindele ukuphiwa nje.
“Umama ujabulile kakhulu ngoba sesiya ngokushintsha isimo sasekhaya. Baningi abantu asebesinikelele ngezinto eziningi. Ngikhuluma nje kunomSamariya oseqalile ukusakhela umuzi, njengoba ekhaya bekuwumjondolo owakhiwe ngothayela phambilini,” kuchaza uMaLacosta.
Umngani wakhe uSimphiwe Sibiya, owafaka i-video eyamdumisa nozwakala embongela ngemuva uma edansa, uthe uyajabula ukuthi isifiso sakhe sokusabalalisa ithalente likaMaLacosta sifezekile.
“Ngangihlale ngimbona edansela izingane kwenye inkathi nami ngimcele angidansele, bese ngimupha noma yimalini. Ngabona ukuthi angimfake ezinkundleni zokuxhumana, abantu bazibonele ithalente lakhe,” kusho uSimphiwe.
Ngeledlule ubonakale kwiFact Durban Rocks edansa kanti inkampani yeziphuzo iRed Bull ibiqopha i-documentary naye.
Kunengoma esiyenziwe ethi MaLacosta nabazoyikhipha maduze.
USimphiwe uthe kukhona nezingubo zokugqoka abazozidayisa ezinegama lalesi silomo ukuze baqoqe imali yokusiza nganoma yini edingekayo kubo kwalo mdansi.