ILUNGU leqembu iSkwatta Kamp, uNkosana “Bozza’ Nkosi, lithi selishintshe ukhwantalala oluliphethe lwalwenza isipho sokukhuthaza abanye abantu.
UBozza uqale ukuzakhela udumo kuleli qembu elinomlando ngaphambi kokukhipha ngokuzimela. ISkwatta Kamp igcine ukukhipha ndawonye umsebenzi ethe ngowokugcina yize isazoqhubeka nokunandisa emicimbini ebizwa kuyo.
UBozza uthe usebuyela ekukhipheni ngokuzimela. Uthe useqedile nge-albhamu yakhe entsha kodwa uzoqale akhiphe izingoma ezihamba ngazodwa kusuka ngesonto elizayo.
Ukukhipha yedwa wakugcina ngo-2017 nge-albhamu, i-After Tears.
“Ngendlela engijabule futhi enginomfutho ngayo ngathi ngiwumfana omncane. Abafana abancane bangikhuthaze kakhulu ngoba ngifunda kubo njengoYoung Stunna. Yilokho engikwenzile emculweni wami ngokusika iphethini kubo ngabe sengihlanganisa umculo omusha oxube izinhlobo eziningi. Ngiyididiyele mina ngokubambisana noTechno P noWashington Mahlangu ngase ngipika uCheryl Zondi, Relo, Mammie noKid X,” kusho uBozza.
Uthe ukhuluma ngokuningi emculweni wakhe nokungesinye sezizathu ezimenze wangakhipha isikhathi eside.
“Angikholelwa ekuvele ngikhiphe uma kungekho engifuna ukukusho. Ngikholelwa ekushintsheni impilo yabantu kusuka kudala. Izingoma zeSkwatta Kamp ezifana neLandela kwakuwumqondo wami ukukhuluma ngempilo nangezinkinga abantu abahlangana nazo. Nami ngidlule kwezami njengokhwantalala nokushaywa wuvalo.”
Uthe ukhwantalala novalo yinto akhule nayo.
“Nginokuthuka ngisho ngishayela ngithi ngishintsha umzila. Ukhwantalala lona lwaqala ngikhula ngibona ukuthi ngihlukile kunabanye ngokwemicabango nangamathalente. Ngangenza izinto ngendlela ehlukile baze babuze ukuthi kungani ngenza kanje. Lokho kwangenza ngazibona ukuthi ngihlukile, ngaqala ngazivalela endlini ngizama ukuzithola. Ukhwantalala lwaqala ngoba kwakuba nemibuzo kukho konke engikwenzayo. Umculo wanginika indlela yokukhuluma nokuzethemba, ikakhulukazi iHip Hop,” kusho yena.
Uthe namanje usenalo ukhwantalala kodwa unendlela yokumelana nalo.
“Akuyona into okumele isibulale. Manje sengifundisa abanye abantu ngalo, ukuthi ngisho ungazizwa umoya wakho uphansi kodwa kumele uvule isifuba ukhulume. Ngisebenzisa nethalennte lami ukufundisa. Njengoba sekuqala ukukhulunywa ngalo manje kusenabathukayo ukuthi kusho ukuthi bazofa. Akusho ukuthi kumele uzibulale. Mina nginenhlanhla yokuba nabantu abangesekayo. Ngiyazi futhi ukuthi nakule mboni esikuyo kunezinto okumele uzizibe. Ngifike ngisebenze ngiphinde ngiyozihlalela eplazini. Ngiyazivocavoca, ngiyafunda, ngiyabhala futhi sengibuyele nasekudlaleni ibhola njalo. Lokho kuyasiza ngokwesimo sengqondo.”