UKUBHEKANA nobunzima bempilo ebinezigigaba ezehlukene ngonyaka ophelile, nokumelana nazo ngempumelelo zinjengoba zinjalo, kwenze uDJ nophrojusa we-house, wadidiyela i-extended play (EP) enezingoma ezihluba udlubu ekhasini ngalokho.
UDa Gifto ukhiphe i-EP enezingoma eziyisishiyagalombili esihloko sithi Shadow & Light, eqale ukutholakala ezitolo zomculo ekuqaleni kwale nyanga.
Engxoxweni neSolezwe, uDa Gifto wodumo lwengoma ethi Ingelosi ayishaya noBrandon Dhludhlu, uthe nyakenye kube nesimo esibi kubo, kugula ugogo wakhe omkhulisile.
“Lokho kungiphazamisile empilweni ngoba nangapha bengibhekene nengcindezi yokuzama ukungenisa ebantwini ngomculo wami, kodwa izinto zingakahlangani,”’ usho kanje.
Eqhuba, uthe okwengeze ubuhlungu wukungathembeki kwabethandana naye, okuphethe ngokuthi bahlukane, okungenye yezinto athi kunengoma exwayisa ngakho kule EP. ayikhiphile.
“Yizo zonke izimo nezigigaba zempilo lezo ezingikhuthaze ukwenza lo msebenzi, futhi ngakhuthazwa nawukuthi nakuba bekunzima kanjalo, kugcine kulunga konke, impilo iyaqhubeka futhi nomculo wami wangenisa ebantwini,”’ kusho uDa Gifto.
Uthe nakuba engeke akhethele muntu ukuthi athande ziphi izingoma, kodwa ugabe ngethi Ngize Ngifike ayishaya no-Abidoza, Kenton Lee noBrandon Dhludhlu; nethi Ina Mvula ayishaya noBreezy Sax, French August noCnethemba Gonelo.
“Yizingoma ezikhuthaza ukuthi qhubeka nokusebenza kanzima ukuze uphumelele, kungakhathalekile ukuthi izinto zinzima kangakanani empilweni yakho ngaleso sikhathi,”’ usho kanje.
UDa Gifto ogama lakhe lokuzalwa wuLivhuwani Ndou, udabuka eTsianda, ngaseThohoyandou, eLimpopo.
Ngaphambi kweShadow & Light, uqale ngeGrateful EP ngo-2021, Grateful EP Volume 2 neLove EP kokubili akukhiphe nyakenye.