IQEMBU legqom' laseThekwini, Amachillaz, lisola ama-Elevators ngokweba ingoba yalo bayinikeza uBabes Wodumo.
Ama-Elevators ngophrojusa abasebenza nabaculi begqom' abakhulu. UBongokuhle "Butho" Ngcobo weqembu Amachillaz uthe baxhumana nelinye ilungu leqembu lama-Elevators, okuthiwa nguSpha ‘Maphara’ Shongwe becela ukuqopha ingoma kubona.
Uthi bavumelana ngokuyenza ngoR1000. UBotho uthe kube sekushintsha izinkulumo ezivela kuMaphara, eseshaya ingwijikhwebu ethi yena ukwenza ingoma kubiza uR5 000, okubethusile bagcina sebefune uR1 000 wabo ubuye, okugcine kungenzekanga.
Elandisa uButho uthe badidekile uma sebebona kufakwa ingoma enezinsimbi zabo nguBabes ezinkundleni zokuxhumana.
“Ingoma thina sasesiyenzile sesiyiqedile, sekushoda ukuthi iphume kodwa uMaphara wasijikela wathi ucela imali engangoR5 000, waphinde wafuna ingxenye engango-40% eyinzuzo yale ngoma kodwa konke lokho asikuvumanga.
Sithe uma sesicela ukubuyiselwa imali yethu, wasiziba njengoba namanje esasizibile.
Njengoba le ngoma isifakwe zinkundleni nanguBabes nje, lokhu kusho ukuthi ingaphuma noma yinini njengoba abantu bekhombise ukuyithakasela kwazise sekufakwe nephimbo likaMampintsha kuyona.
Kuyosiphatha kabuhlungu uma le ngoma iphuma inezinsimbi zethu ngoba lokho kuyobe kusho ukuthi kudliwe amandla ethu,” kusho uButho.
Kuthintwa uMaphara weqembu ama-Elevetors, uziphikile izinsolo zokuthi webe izinsimbi zengoma yeChillaz, wathi kunalokho waqala phansi wafaka izinsimbi ezintsha maqede wasebenza noBabes engomeni entsha.
“Izinsimbi mina ngaziqala phansi ngoba bona base bethe ngeke besasebenza nami ngoba ngifune enye imali. Into bona ebakhalisayo wukuthi ngisebenze noBabes. Ngibonile nje sebeqalile bengifaka koFacebook kodwa mina kanginankinga,”kusho uSpha.
Kuthintwa uBabes ubhoke ngolaka wavala nocingo.