INDLOVUKAZI yomculo wegqom' uBongekile “Babes Wodumo” Maphumulo, isiphumele obala ngomzwangedwa ewuzwayo selokhu yashiywa ngumyeni wayo, uMampintsha nyakenye.
Ekhuluma ekhasini lakhe likaFacebook, uBabes ubuze ukuthi uma engajola, wumlisa waluphi uhlanga angamkhetha. "Mina ngikhetha umlungu ngoba abakukhonzile ukukhuluma. Ngenzenjani ngoba usawoti ugcwele ikhanda?" kubuza uBabes elokhu egcizelela ukuthi uyafa usawoti.
UBabes uthe sebehlulekile odokotela bengqondo bethi bazomeluleka ngoba uvele ababuze imibuzo abahlulekayo ukumphendula kuyo. Uthe yena ukholelwa ekugonxeni utshwala bomyeni wakhe i-Original Shandis Gin bese ezihlalela endlini noma adanse ukuze alwe nokhwantalala abhekene nalo. Ebuzwa ukuthi usengalotsholwa yini okwesibili, uthe yebo kodwa kuyokhokhwa kuyise kaMampintsha, kwaMaphumulo ngoba usebiza uMaphumulo futhi abakwaSimelane badla ngempela ngaye.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Wololo, ukhale kakhulu ngokulaxazwa okwenyongo yenyathi ngabangani bakaMampintsha. Uthe iningi lagcina ngosuku lomngcwabo ukufika emzini kaMampintsha noBabes oseWestville kanti abanye selokhu kwashona uMampintsha abakaze bawubeka umcondo wabo.
"ODJ nophrojusa abakaze bafike...Akekho noyedwa owake wafika la endlini." Uthe uyabadinga abangani bakaMampintsha ukuba bazomkhumbuza izikhathi zabo noMampintsha.
"Abaqondi. Ngisuke ngifuna ukuhleka. Ngifuna bafike benze lokhu ababehlezi bekwenza (uma benoMampintsha). La majitha abethandana, ezwana. Mina abehlezi engihlekisa uma esebanga."
Uthe unamavideo kaMampintsha nabangani bakhe besestudio bephikisana, athi kuwowonke usuke efa yinsini. Eqhuba uBabes uthe nabangani bakhe babaleka bamshiya emuva kokuba ethe uzovula ifoni kaMampintsha.
"Abangani bami babaleka bonke, abaphindanga bafika (kwami). Bonke, engabafica efonini yendoda yami, babaleka. Bangigcina emngcwabeni. Bayangazi. Ababaleke impela basithele. Angisize uNkulunkulu ngingahlangani nabo ngoba ngizoveza amahlazo abo. Ngikhiphe ama-nudes (izithombe benqunu) abo ebebewasendela indoda yami."
Uthe ebanganeni bakhe ababalelwa ku-50, usele nabayisithupha.
"Ababaleke impela ngoba ngizoboshelwa into ekhona. O-bastard bebelokhu bengikhalisa kumatilasi kanti bathi angife ukuze izindaba zabo ziphephe kanti abazi ukuthi ngizovula ifoni. Ngathi sengiyivulile babaleka."
Uthe kubo laba bangani kukhona owaseHammarsdale obelokhu emntshontshela ama-weave kangangoba waze wamcela ukuba angabe esafika kwakhe ngoba "unesandla".
Uthe ubemcasula ngokuthi ubefike amntshontshele bese efika kuye eyigqokile, athi yangena esikhwameni sakhe ngephutha. Uveze ukuthi nasemngcwabeni kaMampintsha wathi esakhala, wathi uyaqalaza, nangu umngani wakhe eswenke nge-weave yakhe.
"Ngayeka ukukhala ngibona i-weave ebesengiyifune kuyoyonke indawo...NgingowaseLamontville mina, ngiyazi ukuthi umuntu owebayo uqondiswa kanjani."
Udalule ukuthi yinqwaba yezinkampani zomshwalense ebezifuna azokhangisa ngamapolicy azo kodwa wanqaba.
"Bafuna ngizothi "My husband was a great performer. Ngiyahlanya yini mina? Ngizibuza ukuthi baphila kuliphi izwe laba bantu."
Uthe noMampintsha angamhleka uma engambona esekhangisa ngemishwalense kwithelevishini.
Uveze ukuthi sebeqedile ukushutha uSeason 3 woThando Lodumo, bekulindeleke ukuba abantu babone umshado omhlophe kodwa sebezobona inkonzo yomngcwabo.