INDLOVUKAZI yomculo igqom', uBongekile "Babes Wodumo" Simelane, ibalisa ngobunzima ebuthwele emuva kokushiywa emhlabeni ngumyeni wayo, uMandla "Mampintsha" Maphumulo.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngoMgqibelo, uBabes uthe akuselula empilweni njengoba yonke into seyibheke yena.
"Yonke into beyenziwa ngumyeni wami, seyenziwa yimi. Ngisele ngedwa manje. Ukukhala ngeke kungisize. Kufanele ngivuke ngizithathe, ngithathe indawo yakhe (uMampintsha)."
Ebuzwa ukuthi aliqiniso yini amahlebezi athi usedla imbuya ngothi futhi nesithabathaba somuzi wakhe oseWestville sesiyadliwa, uBabes uthe
“Kungamampunge ukuthi ngidlelwe umuzi nokuthi ngiyahlupheka. Abantu bayohlezi bekhuluma into abayithandayo. Ningabalaleli. Izinkundla zokuxhumana ziyadukisana. Kumanje nje mina ngisendlini yami.”
Ebuzwa ngembangela yokudayisa izingubo zikamufi, uthe akadayisi izingubo ebezigqokwa nguMampintsha obedume ngomculo ikwaito kodwa uqhubeka nokudayisa ingqephu ebithungwa nguMampintsha, ebizwa nge-Original Shandis.
"Uma usakhumbula kahle kudala izimpahla ze-Original Shandis zidayisa. Ne-OSG ugologo usaqhubeka."
Uthe umehluko kulokhu wukuthi izikibha sezihambisana nezithombe zikaMampintsha. Uthe nakuba impilo inzima njengoba esebhekene nokondla umndeni kanjalo nokuphatha amabhizinisi kodwa kayikho indlovu esindwa wumboko wayo.
"Siyancenga kancane kancane. UNkulunkulu akakufaki esimweni azi kahle ukuthi ngeke ukwazi ukusimela. Umthwalo anginikeza wona, ungithwesa ngamabomu. Sekukimina ukuthi ngenzenjani ngawo."
Uthe useqedile ukuhlanganisa i-albhamu yakhe ayicula ngokuhlanganyela noMampintsha ngenxa yokuthi uMampintsha uhambe emhlabeni sebeqophe izingoma eziningi.
"Ngakho ngikhethe ezimbalwa ngase ngihlanganisa i-albhamu ngazo."
Yize bekusebenzeka kanzima njengoba uMampintsha engasekho kodwa uBabes uthe okwenze kwaba lula wukuthi ubenza lokhu akufundiswa ngumyeni wakhe.
Uthe sekuqedwe konke ngayo bese kusele imastarishwe bese iyaphuma. Okwamanje uthe akakabi nesiqiniseko ngesihloko nangokuthi izophuma nini.
Eqhuba uBabes uthe abantu mabalindele ukubuka iSeason yesithathu yohlelo ebebelwenza noMampintsha esihloko esithi Uthando Lodumo: Life After Mampintsha kwiShowmax maduze. Uthe nakuba engavunyelwe ukudalula imininingwane ngohlelo, njengokuthi luzoqala nini ukuvezwa kodwa ngeke usale umngcwabo kaMampintsha.
Nakuba kunjalo kodwa okhulumela iShowmax, uKevin Kriedmann, uvele wangena ezintangeni ngokuthi athi akukho angakuqinisekisa ngokuthi Uthando Lodumo luyabuya noma cha.
UMampintsha udlule emhlabeni mhla ka-24 Disemba 2022, washiya uBabes nendodana yabo uSponge.