AKWEHLANGA kahle ebantwini abaningi okwenziwe wuDJ Hlo ezinkundleni zokuxhumana ebonisa ukuthi ufisa ingoma yakhe ingene kweyokuhlukanisa unyaka.
Le ntokazi ogama layo langempela uHlosiwe Mthalane, usanda kukhipha ingoma ethi Visa nokuyiyona azogadla ngayo kweyokuhlukanisa unyaka. Le ngoma usanda kuyikhipha kanti abantu besebeqalile ukuba nokuphawula okungafani ngayo. Babodwa abathi ingcono kuneyangonyaka odlule, abanye bathi lutho ngeke balunge ukungena onyakeni omusha ngayo.
Umsakazi weNongoma FM, uNqubeko Ndlela, uthe ngeke ize iwuhlukanise unyaka kodwa waziqhatha neziqandu. Ubaba kaLiliana Bhila, ubuze kuNqubeko ukuthi wamenzani uDJ Hlo, kanti uSmangele Mkhize ukhuze uNqubeko ngokuba nenzondo enganeni.
Umculi kamaskandi, uKhangelani "DSD" Mhlongo, uyivumile ingoma wathi imnandi. ULinda Gazu uthe iVisa ingconywana kunale ahlukanisa ngayo unyaka ethi, Isibani. UXolani Hlatshwayo uyivumile wathi, "Inamba namba iphumile."
USecrete Code uthe akakhohlwe uHlo ngokuhlukanisa unyaka ngale ngoma. Nakuba kunjalo, uSaluleko Biyela uthe imnandi ingoma uma izodlalwa ngaphambi kuka-5 ntambama. USimphiwe Bhengu usabise ngokutatshwa kwezimpahla uma uDJ Hlo ephinda ehlukanisa unyaka.
U-DJ Hlo osanda kuqokwa ukuba amele iNingizimu Afrika, emcimbini azoshiyelana inkundla namaciko adumile ngoDisemba 3, eWizzy Man Restaurant, eNamibia Wolves Bay, ubonisa okukhulu ukuzethemba ngale ngoma yakhe njengoba eseqalile ukukhankasela ukuthi abantu bayivotele ibe yingxenye yezingoma eziyishumi ezizoqhudelana kulo nyaka.
Ekhasini lakhe leFacebook, ufake umncintiswano wokuheha amavoti, lesi senzo asibathokozisanga abaningi kule nkundla.
Malusi Zindela ENkandla: Hloh lendlela owawina ngayo ngonyaka odlule kwamele uyethembe usazowina futhi ngoba akekho owake wavota ngonyaka odlule.
Sinegugu Khumalo: Vele usifake ibhomu sife sonke. 🙄🙄🙄. Ngeke phela. 😱😱
Luda Musa: HHyabo kanti uqinisile yini ngalendaba mina bengithi uyadlala🙆
Samkelo Shezie: Sicela unike abanye ithuba wena ufuna ukuhlukanisa wedwa.