UMCULI wokholo wodumo kwiJoyous Celebration, uSabatha Masoka, usephumele obala ngokuphenduka undingasithebeni futhi ongazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze axoshe ikati eziko.
USabatha, owaduma kwiJoyous Celebration ngengoma eyayithi Nkosi Ndisimamise nethi Ziyasulwa (Izinyembezi), uqale wabhala ngosizi lwakhe ezinkundeni zokuxhumana kodwa wabuye wawucisha lowo myalezo.
Ubuzwa yiSolezwe Ngempelasonto uthe kuyiqiniso ukuthi akasenandawo yokuhlala emuva kokuba umnewabo, uMzuvelile Ganyile, edayise umuzi wakubo.
Uthe ingxabano yabo nomfowabo seyishube ngale ndlela yokuthi sebeze bavulelana necala esiteshini samaphoyisa saseTembisa South, eGoli. Isolezwe NgeMpelasonto linabo ubufakazi ngecala elivulwe ngoDisemba 24, 2022.
USabatha eseqube kubashana njengoba eseyintandane futhi akazi uzoyenzelaphi imicimbi ehlanganisa umndeni.
Ethintwa umfowabo kaSabatha, uMzuvelile, uthe ngamampunge ashiwo nguSabatha futhi wathumela imiyalezo ekhombisa ukuthi bayaxhumana noSabatha.
“Uyena okokotele incwadi yefa,” kusho uMzuvelile futhi eveza incwadi esayiniwe.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukamnewabo ayiphumelelanga futhi nemiyalezo akayiphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ngaphandle kweJoyous Celebration, uSabatha uke wasebenza noMthunzi Namba noBenjamin Dube. USabatha uthe uyapatanisa ngomculo njengoba esebuyele e-studio lapho eqopha khona izingoma ze-Afro soul.