OWAYEYISIHLABANI sasesiswini kwiKaizer Chiefs, uThabo “Junior” Khanye, uthi wayengazitsheli ukuthi uyoke acule noma alingise emdlalweni wethelevishini.
UJunior (37) waseDaveyton, obuye ahlaziye ibhola kwiDiski TV, ubekhuluma kwiPodcast iJustify emuva kokukhipha umucu wakhe wamapiano osihloko sithi Obrigado.
Kule ngoma enamazwi ekhuthazayo ihamba kanje: Bathi kuphelile ngempilo yami, kanti uMdali usenecebo ngempilo yami. Avulekile amasango, kucula enye intokazi.
UJunior uqhamuka eserepha lezi zinhlamvu: Wangithatha la. Wangisusa la. Wangibeka le. Ngezikhathi zakudala. Ngibolek' ikhokho. Ngihamba ngi-trialer, nami ngalithola ithuba lokudlala. Ngashay' ama-flop, ngagcina sengisala. Bengingazenzi, bengijwayele indlala. Ngingena egrawundini, ngishaya ivula vala.
Uthe ukhule engesiye umculo kodwa ubedume kakhulu ngokudansa. Uthe wenza le ngoma ngenxa yokuthi abantu babecabanga ukuthi kuphelile ngaye.
"Amadlozi akwaKhanye abefuna ngikhule ngokomoya. Angikaze ngicabange ukuthi ngingakwazi ukucula, ukulingisa nokudlala ezikhangisweni. Manje senginoxhaxha lwamakhono."
Ubonge kakhulu umholi webandla laseZion Christian Church ngokumfundisa ukuhlakanipha.
"Ngiyathandaza futhi ngicele inkombandlela," kusho yena.
UJunior waqala ukuzakhela udumo ngokulihlikihla kwiKaizer Chiefs ngaphambi kokujoyina iMaritzburg United nePlatinum Stars. Lesi sihlabani sadalula ukuthi salahlekelwa yikusasa laso emdlalweni webhola ngenxa yokuthi salibalwa wukunkunka utshwala nokubhabhabala namantombazane.
Sabuye sabandakanyeka ezingozini zezimoto ezingu-15 futhi sasinda ngeNkosi Sikelela kwenye njengoba saseze sanxeshezelwa ngabeRoad Accident Fund ngoR2 million. Ngebhadi nawo sawubhubhudla ngotshwala.
Njengamanje uKhanye useqale phansi impilo futhi uyasebenza kwiDiski TV njengomhlaziyi womdlalo webhola. UJunior usanda kukhipha incwadi esihloko sithi Ghetto Ninja: The Junior Khanye Story, ekuthatha ikubeke ngempilo yalesi silomo. Ngaphandle kokucula nokuhlaziya ibhola, uJunior uke walingisa emdlalweni weTV osihloko sithi Vula Vala.