UMCULI kamaskandi uLagxabha, wengoma esihloko sithi uNgizwe ugula ngekhanda uthembisa into yamehlo emcimbini kamaskandi, Ikhuphuka Nezakho Sibon’inkunzi.
UPhilasande ‘Lagxabha’ Radebe, odabuka eMzimkhulu, osanda kukhipha ingoma esihloko sayo sithi, uNgizwe ugula ngekhanda, ayikhiphe ngoJanuwari nonyaka, uthi bazobhema bakholwe abalandeli emcimbini.
“Abantu mabalindele into yamehlo, nazo izingqwele azibhasobhe, sijime ngempela. Mabalindele into ecokeme. Ngizogadla ngayo le ngoma yami, ethi uNgizwe ugula ngekhanda. Kwakhona nje ukumenywa kulo mcimbi kusho lukhulu. Kuyasho ukuthi cha sengisebenzile nami kumaskandi,” kubeka uLagxabha.
Eqhuba, uLagxaba, uthe okumenze wakhipha le ngoma, wukubona uNgizwe ethuka abantu abadala ngenhlamba, ekhombisa nokungabahloniphi ezinkundleni zokuxhumana.
“Maningi ama-video kaNgizwe, asabalele ezinkundleni zokuxhumana, ethuka abantu abadala neziphathimandla ezihloshwayo. Ngibe sengibona lapho ukuthi lo muntu uyahlanya ngempela, udinga usizo. Iqhamuke kanjalo-ke le ngoma, ngoba kancane kancane kuyavela ngempela ukuthi le nsizwa iphazamisekile ekhanda,” kuphetha uLagxabha.
Ongumhleli womcimbi, uNgelo V ethintwa yintatheli, uthe amalungiselo omcimbi ahamba kahle. Uveze ukuthi uhlu lokungena kwabaculi esteji luzolawulwa ngamavoti abalandeli.
“Ahamba kahle kakhulu amulungiselo omcimbi. Abantu sibathembisa umcimbi osezingeni eliphezulu kakhulu. Kuningi okuzokwenzeka. Sizoba nanomculi esingeke simdalule, abazombona esteji ngelanga lomcimbi”, kuphetha uNgelo V.
Umcimbi uzoba seCurries Fountain, eThekwini, ngomhla ka-29 ku- Ephreli nonyaka. Kuzobe kuboshelwe Ukhuzani, Gcokama Elisha, Inkosi Yamagcokama noGatsheni ukubala nje abambalwa.