INKAKHA yomculo wekwaito, u-Eugene Mthethwa, uzofungiswa njengeLungu lePhalamende namhlanje ngo-3 ntambama. Lezi zindaba zidalulwe nguye u-Eugene oyilungu le-Economic Freedom Fighters (EFF) futhi ongomunye wabasunguli beqembu lekwaito, iTrompies.
Uthe lezi zindaba zifakazela iphupho lengwazi yomculo we-reggae, u-Alexis Faku, owathi uphuphe u-Eugene ekhuluma egameni lendima yamaciko ephalamende.
"Amazwi kaSbongile Mngoma, owashesha wayibona lento ekuqaleni futhi wangikhuthaza ukuba ngingabe ngisabheka emuva. UGeneral wami owangiqinisekisa ngokuthi, noma ngabe bathini ngami, uyakwesekela ukujoyina kwami i-EFF. Lesi yisiqalo sokunqoba okufungelwe," kusho u-Eugene osebizwa ngoSimply Eugene emculweni emuva kokuzibiza ngoDonald Duck.
Ubonge kakhulu ozakwabo abayibambe naye insimbi ishisa emkhakheni wezobuciko. "Ngiyanithanda bafowethu futhi angisoze nganiphoxa. Ngiyabonga kubafowethu nodadewethu abasemithonjeni yezindaba, abasisekelile nabasaqhubeka nokusisekela emzabalazweni ngokuveza izingqinambi esihlangabezana nazo. Ngizonimela nonke ezinselelweni enibhekene nazo ngoba kuncane okusihlukanisile," kubhala u-Eugene egruphini kaWhatsApp ehlanganise amaciko akuleli iVictory Is Certain.
Amaciko amhalalisele kakhulu u-Eugene ngalempumelelo. Kuwona kubalwa umculi uVicky Sampson, imbongi uMzwakhe Mbuli nomengameli weCcifsa, uJoy Mbewana.
U-Eugene uhamba ezinyathelweni zamanye amaciko angaphansi kwe-EFF, okungumculi we-Afro pop, uRingo Madlingozi nomlingisi uFana Mokoena, asebengamalungu ephalamende. Ngaphandle komculo, u-Eugene ubevele engummeli oyisishoshovu samalungelo amaciko. Ubephambili emkhankasweni wokugudluzwa kukaMnuz Nathi Mthethwa ekubeni nguNgqongqoshe woMnyango wezemDlalo, ezobuCiko namaSiko kuzwelonke njengoba sewuqhoqhobelwe wuzakwabo, uMnuz Zizi Kodwa.
Uqale ukwaziwa emculweni esadlalela uLucky Dube ama-keyboard ngeminyaka yo-1980 futhi ezungeza umhlaba naye ngaphambi kokuhlangana nabaculi bekwaito, uSpikiri, Mahoota, Jacarumba nomufi uMjokes, basungula iTrompies. #Isolezwengempelasonto