ABABEGIDELA isihlabani somculo kamaskandi, uMgqumeni "Idlamanzi" Khumalo, babuyise umkhuba wokuhlambalazana ngezingoma.
Kuqale uKhangelani "DSD" Mhlongo woSaziwayo, wagadla ngengoma esihloko sithi Angingene, lapho, abefanisa kuyo uNelisani "Ndlemnyama" Mseleku noSakhiseni "Skhevane" Mseleku nezingulube, maqede wathi akangene ndawo ekunyanyekeni kwabazala bakaMgqumeni.
Babuyile Abafana BakaMgqumeni (okuyiqembu likaNdlemnyama noSkhevane) ngomucu osihloko sithi Udliwa Yini. Kule Ngoma bazwakala besho kanje: "Usibiza ngezidudla, siphakelwa wunyoko na?
Wendoda wazaca kangaka, awutshele abantu iqiniso, udliwa yini na? Akukho kufa okukudlayo, udliwa wumhawu. Unembeza udla umniniwo njengoba uzace kangaka. Unembeza yiwo okwenza isipoki..."
Abagcini lapho Abafana BakaMgqumeni babuye basola uDSD ngokuba yiqola elikhonze izinja kunamakhosikazi alo.
Ukungcofana kukaMgqumeni neNdidane kwagcina kukhiphe izidumbu eziyisithupha, kwaze kwaphoqa owayengumphathi woKhozi FM, uBhodloza Nzimande nomsunguli wamaSatma Awards, uDumisani Goba, ukuba babavale emsakazweni nasemqhudelwaneni wezindondo.
Yize basebexolelene kodwa iNdidane ayilubekanga emngcwabeni kaMgqumeni ngenxa yezinsongo zabalandeli bakaMgqumeni.
Muva nje, kubulawe ngokudutshulwa umlandeli kaMjik’jelwa Ngubane kwiNqokotho Maskandi Festival eCurries Fountain Stadium, eThekwini.
Eziphendulela uDSD uthe wayesekuyekile ukungcweka naBafana BakaMgqumeni ngoba base bethuka umndeni wakhe kodwa akabaphenduli ngalo mucu wakhe ngoba ebezwe bemthuka ohlelweni lwethelevishini iKings of Maskandi kuMzansi Magic.
"Bengiphendula leyo nkulumo, ukuthi uma benesigcwagcwa, mina kangingeni ndawo. Isigcwagcwa nje yinto abazalwa nayo. Abakaze bathandeke. Selokhu kwathi nhlo. Nakuba babejatshulelwa ngabantu yingesikhathi besahamba nami, kusanda kuhamba iBhova."
UNdlemnyama uthe yabathukuthelisa kabi ingoma kaDSD wubezama ngayo ukuphazamisa uhlelo lwabo.
U-DSD naBafana BakaMgqumeni bake baba ngamathe nolimu ngesikhathi becula kuMagcokama futhi baze bakhipha i-albhamu ethi Uhlala Ekhweni nethi I-Overload maqede baphenduka inkukhu nempaka.
Lezi zinsizwa zizoshiyelana inkundla kwiMpucuzeko Maskandi Festival eMoses Mabhida Stadium (People’s Park),eThekwini ngo-Agasti 12 kusukela ngo-10 ekuseni.