UMCULI kamaskandi, uBonakele Masango, ukhuze ibuya nge-EP yomculo wokholo emuva kokunyamalala emculweni iminyaka emine.
UBonakele (34), ogcine ukukhipha nge-albhamu eyayithi Ngena Nami ngo-2020, uthe usezwa amazwi ngobhoko emculweni wokholo ngenxa yengcindezi abeyifakwa ngabalandeli bakhe.
"Ngibe sengithi angibenzele i-EP enezingoma ezimbili ukuzwa ukuthi izothakaselwa kangakanani."
Leli cwecwe likaBonakele elingenasihloko liqukethe ingoma ethi Ngiyimbewu nethi Bazokhala.
Le ntokazi yazakhela olukhulu udumo ngokuhlanganisa isigqi sikamaskandi nezinhlamvu zomculo wokholo.
Ushuni wakhe ugcine sewumfaka emiqhudelwaneni emikhulu yezindondo njengoba azithola eseqokwa kuMantshontsho Kamaskandi Awards ngo-2012 nango-2013. Ubuye wanyamalala emculweni eminye iminyaka emihlanu enenkinga nenkampani ayeqopha ngaphansi kwayo eminyakeni eyedlule.
Wathi wayebhekene nempi yokuphuma enkampanini ayeqopha ngaphansi kwayo ngenxa yokuthi wayengasaneme kuyo. "Njengamanje sengikhululekile, sengizimele, angisekho ngaphansi kwamuntu."
Lo mculi uke wasikaza ukulaxaza phansi umculo kamaskandi othakwe nezinhlamvu zowokholo ngoba ecikwa ukucindezelwa kozakwabo besifazane emuva kokungenzi kahle kwe-albhamu ayeyikhiphe ngo-2015 eyayithi Nguwe Baba.
Amanye ama-albhamu awaqophile kukhona ethi Yonke Indlela, Ngiyamemeza, Amathambo, Nginenkinga, Usomathuba nethi Ngamehlo.
Yize ukucula akuqala esafunda esikoleni samabanga aphansi kodwa ikhono lakhe lavumbululwa wuThokozani "Somnandi" Langa kangangoba waze wampika e-albhamini yakhe.
UBonakele waba ngumculi wokuqala kamaskandi ukuqokwa emqhudelwaneni wezindondo, iSABC Crown Gospel Awards, emunxeni weBest Gospel Maskandi yize agcina engalibonanga elidlalayo.
Uthe uhlela ukukhipha kabili ngonyaka ngenxa yokuthi usenabalandeli emculweni wokholo nabanye abamthanda uma ebhikla ingoma kumaskandi.