SISABAMBEKILE isihlabani sakuleli se-Afro soul, uLerato "Lira" Molapo, futhi sichazile ukuthi ukululama kwaso kuhamba ngonyawo lonwabu.
ULira udalule ukuthi kusenzima ukukhuluma ngenxa yokuthi akakelulami ngokwanele. Nakuba kunjalo kodwa usahlalele ethembeni.
"Ngenza konke okusemandleni ukuzigcina ngingumqemane. Ngiphila saka. Ngifisa ukuphila ngokuphelele, inqubekela phambili nothando," kubhala uLira (43), okokuqala nonyaka ezinkundleni zoluxhumana.
Lo mculi, wodumo lwengoma ethi Feel Good nethi Ngiyazifela, wahlaselwa yisifo sohlangothi ngoMeyi nyakenye, okwenza wagcina esehluleka ukukhuluma ngesikhathi eyonandisa eGermany.
Ngo-Agasti waqinisekisa ukuthi kutholakale ukuthi unesifo esibizwa nge-Aphasia, esiphazamisa ukukhuluma, okudalwa ngukulimala kwezinye izingxenye zobuchopho.
Kuthiwa senza umuntu esimhlasele ahluleke ngukuxhumana nabantu. Phakathi kosaziwayo abamfisele ukwelulama kubalwa umculi we-Afro pop uKelly Khumalo, othe bazoqhubeka nokumkhulekela nomethuli wezinhlelo zezindaba kwiSABC, uLeanne Manas othe uzogcina eluleme.
ULira ngomunye wabaculi abahlonishwa kakhulu kuleli nasemazweni angaphandle futhi usewole inqwaba yemiklomelo emiqhudelwaneni yezindondo ehlukahlukene.