INYANGA yamaGugu ivalwe ngolunye unyawo emcimbini wokumenyezelwa kwamaciko aqokwe kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards eSABC Radio Park, eGoli, ngoMgqibelo.
Kulo mcimbi kuhlonishwe isigagayi somzabalazo esabulawa nguhulumeni wamaBhunu ngokulengiswa ngentambo ngo-Ephreli 6, 1979, uMnuz Solomon Kalushi Mahlangu. Lesi sishoshovu silandela oMnuz Oliver Reginald Tambo, iNkosi Albert Luthuli, Mnuz Steve Biko, Dkt Martin Luther King, Mfu Jesse Jackson, Mnuz Patrice Lumumba, Mnuz Kwame Nkrumah, Nkk Winnie Madikizela Mandela, Mnuz Hector Peterson nabanye.
Umsunguli walo mqhudelwano wezindondo, uDkt Dumisani Goba, uthe bathathe isinqumo sokuhlonipha uMahlangu ngoba akalwelanga inkululeko yepolitiki kuphela kodwa walwela inkululeko yezenkolo neyamagugu.
"Namhlanje sesikwazi ukuzigqaja futhi sigubhe ubuthina ngenxa yempi yakhe. Lo mklomelo onikezwa leli qhawe ubizwa ngeFounder's Award, okuyindondo okuhlonishwa ngayo izishoshovu zomzabalazo, izingwazi nezingqalabutho," kuphetha uGoba.
Kulo mcimbi bekunandisa abaculi abahlukahlukene abanjengoZuko, Amahle, Miss Hillary, Amalethukuthula, Jeremiah Fyah, University of Pretoria Up Ovuwa Cultural Ensemble, Mdu Ntuli noJessica Mbangeni.
Ezicukuthwaneni bekukhona uSotswebhu uNkk Pemmy Majodina, usihlalo wamaSatma, uMnuz Desmond Msomi, isikhulu sikahulumeni eGauteng, uMnuz China Mashinini, isikhulu saseSABC, uMnuz Sbusiso Gumbi nabanye.
Izithameli beziswenke ngemvunulo yesintu yezizwe ezihlukahlukene. Angu-136 amaciko aqokiwe ngaphansi kweminxa ewu-32, okubalwa kuwo Izinkabi Zezwe, Ithwasa Lekhansela, Ndoni, Saliwa, Bheka Mchunu (Ukhozi FM), Bingelela Mpanza (Ukhozi FM), Menzi Mabizela, Sgwili, Imfezemnyama, Gwajo Zungu (Zululand FM), Mshosho Sibiya (Inanda FM), Ngilozi Mdolomba (Nongoma FM), Sgwil’esibhayizayo (Maputaland Radio), Phumzile Mlangeni (Kasie FM), Vusi Mkhize, Kwazi Nsele, Inkosi Yamagcokama nabanye.