KUGQAME izihlabani zomculo wokholo uDumi Mkokstad noMzoxolo Rafani, emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo iJammin 2 Soccer Tournament ngeSonto, eNyuvesi iJohannesburg (W Muller Stadium), eGoli. UMzoxolo wodumo kwi-I Want To Sing Gospel ngo-2008, ugqame ngokuhlohla amagoli amathathu ngesikhathi iqembu labaculi bokholo liqumba phansi elegqomu' ebeliholwa nguDJ Tira.
UMzoxolo owake wazama inhlanhla kwiFree State Stars ngo-2019, akagcinanga lapho kodwa uhlohle iphenathi lokugcina neyesine ngesikhathi iqembu lokholo lihlula elikamaskandi ngamaphenathi amane kwelilodwa.
UMzoxolo uthe waqala ukudlala ibhola esemncane futhi esakhula e-Eastern Cape. Uthe ukhule esheba ibhola nomculo.
"Ngibizwe uDumi ukuba ngizodlula ngoba umculo wokholo ubukelwa phansi. Ngakho angize sizolungisa okuncane," kusho uMzoxolo.
UDumi Mkokstad, obengukaputeni futhi nofake iphenathi yesibili, uqokwe njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano. Amanye amaphenathi eqembu lokholo afakwe wunozinti uLindelani Buthelezi noNathi Miya.
Umdlalo wokuqala ubuphakathi kwabaculi bakamaskandi nabe-hip hop, kwaphumelela omaskanda ngamabili eqandeni. Igoli lokuqala kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaSenzo Afrika, kwathi elesibili lafakwa nguNgelo V.
Iqembu likamaskandi belibophele oKhuzani, Qhosha, Jaiva Zimnike, Natasha K, Reggie "Mapensela" Ndlovu, Ntencane, Kwazi Nsele, Gatsheni, Njoko ngabanye. Kwi-hip hop bekukhona uBig Zulu, Junior Khanye, Cassper Nyovest, Ma-E, KidX, Xowla, Lwah Ndlunkulu, Amanda Dlamini, Touchline, Lin Dough Ubaba KaValdo nabanye. Kube sekulandela umdlalo obuphakathi kwabaculi begqom' nabokholo.
Kwabakholo bekukhona noSgwili Zuma, Gah NdlelanoThinah Zungu kanti igqom' beligabe ngoDJ Tira, Siyabonga Sangweni wodumo kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana kanye noManqoba Mkhize. Ngokudla umhlanganiso abokholo bakhale bemuka nesamba sikaR250 000 kwathi omaskanda bathotshwa izinhliziyo ngoR100 000. Isithathu sithathwe ngabe-hip hop ngokuhlula abegqom’ ngamathathu kwamabili.
Abokholo bebeqala ukungenela lomncintiswano kanti abakamaskandi bebevikela lesi sicoco okwesithathu selokhu lomqhudelwano wasungulwa ngo-2021. Igqom' ngeke isalibamba iqhaza ngokuzayo njengoba iphume unombolo 4 futhi seyihluleke kwaze kwabangamahlandla amabili ukufinyelela emzuliswaneni wamanqamu, ingasaphathwa eyokudla umhlanganiso kulo mncintiswano.