NGESIKHATHI izelamani zakwaMnyandu, eMkhomazi, uPhezekhemisi noKhethani, zikhipha umucu othi Imbizo ngo-1992, umculo kamaskandi waqala ukuthakaselwa nasezindaweni zobumnandi zasemalokishini nasemazweni angaphandle.
Nezinye izizwe nezinhlanga zaqala ukujabulela lo mculo. Ubufakazi balokho ukuthi le-albhamu yadayisa amakhophi angaphezu kuka-100 000 ngesikhathi esincane iphumile.
Yize indodakazi kaPhuzekhemisi, uNtando "Ichwane LikaPhuzekhemisi" Mnyandu (20), iyingane eluhlaza kwiMbizo kodwa ivele yayenza kabusha le ngoma. Ichwane LikaPhuzekhemisi lizokhipha Imbizo Remix ngoLwesihlanu. Ichwane LikaPhuzekhemisi lithe ngabantu ebebelokhu belicela ukuba liyiqophe kabusha.
"Kodwa bengilokhu ngisaba nami ngoba Imbizo ingoma enkulu kakhulu. Kuthe nje ngelinye ilanga ngabizwa ubhuti uMbuzeni Mkhize, behlangene naye ubaba ongizalayo futhi okungumnikazi wengoma, bathi angiyenze le ngoma. Bathi bayazi ukuthi ngizokwazi ukuyicula ngale ndlela yesimanje," kusho Ichwane LikaPhuzekhemisi.
Ephawula uPhuzekhemisi uthe ugunyaze indodakazi yakhe ukuba iyenze kabusha Imbizo ngoba ingeyomphakathi futhi iwumlando womndeni njengoba ayeyenza nomfowabo ongasekho, uKhethani.
"Njengoba ngikhula, ngiya phambili naye undodakazi uyakhula, uzodlula kuleli zinga esengidlule kulo. Yize ingaseyona lena eyayiculwa yimi kodwa ngiyazi ukuthi abantu bazobe besayithanda," kuphetha uPhuzekhemisi.
Ichwane LikaPhuzekhemisi lilandele ezithendeni zoDJ abahlonishwayo asebeke bayenza ngezigqi ezahlukene Imbizo. Kwaqala umsakazi weRadio 2000, uPaul "Rudeboy Paul" Mnisi ngo-2002, eyenzela umdlalo wethelevishini iGaz'Lami.
Kwabe sekuba wuDJ Cleo eyenza ngesigqi segqom' futhi wayibiza ngeMbizo Rocker. Ngo-2021 uDa Capo uyishaye ngesigqi se-fussion.
Ichwane LikaPhuzekhemisi liyishaye ngesigqi sikamaskandi kodwa ngezwi elipholile.
Empeleni le ntokazi ayiselona ivukana emculweni njengoba iqale kwi-hip hop ngaphambi kokungenwa wuthando lukamaskandi ngo-2021.
Ichwane LikaPhuzekhemisi lithe alingenanga kumaskandi ngenxa yokugqugquzelwa yimpumelelo kayise.
"Bengikade ngivele ngingumuntu ozamayo nokushaya isiginci. Lukhona uthando lwaso. Ngabe sengikhetha ukuhamba ezinyathelweni zikababa ongizalayo ngokucula umaskandi. Ngaqala ngakhipha imicu emibili ngonyaka odlule njengoba manje ngikhiphe i-EP esihloko sithi Ngiyibhinca."
Ichwane LikaPhuzekhemisi liwumculi wokuqala wesifazane kumaskandi ozixebulelayo isigingci futhi lifunde amabanga aphansi e-Illovo Primary kwathi aphezulu lawafunda e-Mkomaas.