ICIKO elinamakhono ahlukene futhi eliyisazi kwezamasiko lidalule obala ukuthi seliphile iminyaka engaphezu kwewu-30, linokhwantalala.
Elandisa iphephandaba uMbuso Khoza uthe, kuningi asekufundile eminyakeni edlule ephila nalesi sifo “esingelula”.
Kuke kwanemibiko yokuthi le ngwazi ibuye ifikelwe nayimicabango yokuzibulala kanti lokho kwafika nasezindlebeni zakhe.UKhoza wabhala ekhasini le-Instagram wachaza kanje: “Kunabaculi abaze bangishiya esikhungweni sami ngoba kukhona ababatshela ukuthi ngingase ngizibulale kodwa lokho akwenzeki.
“Ekuphileni kwami nesifo ngifunde ukubekezela. Kwabanye ubukeka njengomuntu ohlanyayo kodwa mina sengisibuka njengokuthi kusuke kuyisivivinyo njengazo zonke ezinye izimo esidlula kuzona empilweni. Manje sengiyazi ukuthi uma lina namhlanje kusasa lingase libalele.”
Eqhuba echaza uthe ngokubona kwakhe ukukhwantalala kungenye yezindlela okusuke kukhaleleka ngayo ukuthi ukhule ngokomoya. UKhoza usho lokhu nje, usanda kudalula ukuthi ukubonakala kwakhe emidlalweni yethelevishini, Umkhokha neHostela, kumvulele amathuba amaningi ngoba sebebaningi abamshelela kwezinyeizinhlelo zikamabonakude.
UKhoza uthe kuningi amatasa ngakho okuthinta ithelevishini selokhu evele kule midlalo kanti nakuba kunjalo usesithathile isinqumo sokuthi akasoze awushiya umculo.
“Engike ngakhuluma nabo ngalokhu bathi angijabulele ukuthi abantu bayakuthakasela ukuvela kwami yize ngingesiye umlingisi. Kuningi engiyingxenye yakho okuthinta ithelevishini okubalwa uhlelo lweMNet olukhuluma ngamasiko nomdlalo iLembe,” kuchaza uKhoza.
Useke wahlomula ngezindondo ngenxa yeqhazaalibambile ekufundiseni ngolimi namasiko esiZulu, uveze ukuthi ahamba kahle namalungiselelo esikhungo sezamasiko ayememezele ngaso phambilini. Uthole abaxhasi baseSwitzerland, abazibophezele ekutheni basibone sisukuma isikhungo ngoba inkosi yamsikela indawo esizokwakhiwa kuso.
“Kumanje onjiniyela bayadweba abanye bahlola umhlaba lapho kuzokwakhiwa khona isikhungo esizoba eShowe. Inhloso yaso ukubhala kabusha umlando wokhokho obuye uhlanekezelwe ngoba akukho lapho esiziqophele khona thina,” kuqhuba uKhoza.
Uthe isikhungo sizosiza wonke umuntu ngisho ofuna ukwenza usiko olunjengomemulo, uzokwazi ukuza kusona azoncela ngokumele akwenze nokungasenasidingo esikhathini samanje.