NAMHLANJE iSpotify yethule iBeat School, okuwuchungechunge lwama-video asatshalaliswa emhlabeni futhi oluhlukaniswe izigaba ezintathu ngenhloso yokugubha umculo onhlobonhlobo ovutshelwe e-Afrika.
Oyinhloko yophiko lomculo kwiSpotify Sub-Saharan Afrika, uPhiona Okumu, uthe kule minyaka edlule, umculo wase-Afrika ubulokhu udlondlobala njengoba abaculi abavela kulo lonke izwekazi bengena ezinhlotsheni zomculo ezihlanganinisa izilomo.
"Lokhu kubonakala nangokuthi lolu chungechunge luhlanganisa abaholi bamasiko omculo wase-Afrika nezihlabani ezisafufusa ukugqamisa izinhlobo ezintathu zomculo futhi zibonise ukujula komculo wezwekazi okuhlanganisa namapiano."
Uthe esiqeshini sokuqala kuzovela abaculi bamapiano okungoPabi Cooper noMellow& Sleazy. Bazobe bexoxa ngokudlondlobala kwalolu hlobo lomculo futhi bedingida nangomsebenzi wabo, nowabanye ozakwabo abafike ngezinkani kule ndima.
Ngokusho kukaPhiona, umculo wamapiano uqhamuka emalokishini akhele iPitoli njengoba sewusabalele emhlabeni wonke jikelele
"Ulwazi oluvela kwiSpotify lukhombisa ukuthi u-43% womculo wamapiano ulalelwa emazweni angaphandle kwaseNingizimu Afrika kanti uPabi Cooper noMellow & Sleazy bangenise emazweni aseSub-Saharan Africa njengaseNigeria, Kenya, Tanzania, Mozambique naseGhana futhi babalwa ohlwini lwabaculi abawu-20 abahamba phambili ngokudayiswa komculo wabo kwamanye amazwe."
Eqhuba uPhiona uthe, "Ungaphuthelwa emasontweni azayo ngoba sizokulethela ezinye iziqephu zeBeat School ezizogqamisa ezinye izinhlobo zomculo ezihambisana nalona ukuze uqonde umculo namasiko ase-Afrika ohlanganiswa ngabanye babaculi abadidiyela izingoma ezihamba phambili kuleli zwekazi."