ISIHLOKO: KwaNongoma Kungenhla
IQEMBU: Royal Messengers
UHLOBO: Isicathamiya
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UMA kukhulunywa ngamaqembu ayisihlanu ahamba phambili emculweni wesicathamiya emhlabeni jikelele, igama leRoyal Messengers liphakathi. Kanjalo futhi uma ukhuluma ngamaqembu ayintandokazi kuleli, Abafana BamaSurprise bakhona kwiTop 2.
Lokho wukubona ngesibalo sabalandeli babo. Leli qembu liwaqinise kakhulu amagalelo alo.
Ezingomeni ezingichazile kule-albhamu kubalwa ethi: Ingoma Yami Iyavuma, Ucothoza Impilo Yami, Umndeni Wami, Siyeza Sisendleleni, Ngqondo Yami, Xamu Wawuthini, Inkundla Yamavukane, Amagqubu, KwaNongoma Kungenhla, Umshikashika. Asibashaye, Sayibamba, Webhuti Ngiyeke nethi: Mfo kaMasiteng.
Engikuthanda ngeRoyal Messengers yisigqi sayo nokuhlangana kwamaphimbo. Nakuba kunjalo kungaba kuhle bathi ukwengeza izindlela ezincane ngoba zizwakala zigqitshwa kalula yibhesi, okwenza zigcine seziklinyeka. Okunye wukuthi bathole umuntu ozoba nobuciko ekwenzeni amakhava amaCD. Sasigqame kahle isithombe seqembu ekhaveni yale-albhamu ethi: Iyangidina Le nto/Dear Msakazi. Ikhava yale entsha inesithombe esingawavezi kahle amalungu eqembu. Ngaphandle kwalokho, umculo wabo umnandi futhi sekuseduze bafinyelele phesheya kwezilwandle.