UMCIMBI waminyaka yonke iCooling Off Sessions seyinekhaya elisha iBat Centre, eThekwini. Lomcimbi wasungulwa ngo-2016 futhi wabanjwa okokuqala eMoses Mabhida Stadium, ngenhloso yokuqhakambisa umculo we-jazz, soul, neRhthm& Blues. Baningi abaculi asebeke banandisa kulo mcimbi, okubalwa kubo umufi uDkt Brian Thusi, Mbuso Khoza noBongani Nkwanyana. Nabaculi abasafufusa basezindaweni ezinjengoPort Shepstone eningizimu yoGu laKwaZulu-Natal, sebeke balithola ithuba lokuziveza kulo mcimbi ezindaweni zangakubo. Emuva kokuphazanyiswa ukuvumbuka kwegciwane leCovid-19 kuleli, lomcimbi ukhuza ibuya nomdlali we-bass, uBongani Nkwanyana nokuziwa kwewayini elisha likaZanele "Mabliza" Maphumulo, iMabliza Wines eBat Centre ngoMgqibelo kusukela ngo-4 ntambama.
Umphathi weBat Centre, uNise Malange, ukushayele elikhulu ihlombe ukulethwa kwalo mcimbi esikhungweni sakhe.
"NjengeBat Centre, siyalemukela ithuba lokudlala indima kulo mqondo omuhle futhi okuhloswe ngawo ukuvuselela nasekuqhakambiseni ezobuciko kulesi sifundazwe naseThekwini. IBat Centre iyaziwa ngokuthuthukisa ikhono lamaciko amaningi." UNise uthe ngesikhathi sithintwa ukuba sisingathe iCooling Off Sessions, abanqikazanga ngenxa yokuthi bayazazi ukuthi babhekephi. Uthe lomcimbi ungakhela iBat Centre ikusasa eliqhakazile ngenxa yokuthi bona nabagqugquzeli beCooling Off Sessions banezifiso ezifanayo.
Umgqugquzeli futhi ongumsunguli weCooling Off Sessions, uVukani Mbhele, uchaze ukusebenzisana kwabo nalesi sikhungo kuzokhulisa lomcimbi.
"Kumnandi ukubona iCooling Off Sessions ikhula futhi sekunezinkampani ezihlonishwayo zizibandakanya nalo mcimbi. Abantu bakulesi sifundazwe kufanele bawuxhase lomqondo futhi siyathembisa ukuthi ngeke sibaphoxe. Bazojabulela iwayini, umculo omnandi nokuzitika ngobuhle bechweba lwasolwandle. Abantu bazobona iCooling Off Sessions esithuthukile futhi sizoqhubeka nokuphucula esizobanikeza khona."
UBongani ngomunye wabaculi abahlonishwayo futhi usebenze nezingwazi okubalwa kuzo uSipho Gumede, Busi Mhlongo, Mbongeni Ngema, Wendy Mseleku, Tu Nokwe, Mercy Pakela no-Ali Katt. Ikhono lakhe alaziwa kuleli kuphela kodwa naseGermany, Swaziland, Botswana, Senegal, Namibia nakwamanye amazwe.
UVukani uthe iCooling Off Sessions iyinkundla yokuhlanganisa amaciko e-jazz nawe-soul, ngisho noDJ. Uthe inkundla yokuba abantu bezinga elithe thuthu bahlangane ukuze bacibelelane ngolwazi lokuthi bengawathuthukisa kanjani amabhizinisi nezindawo abasebenza kuzo. "Ezinye izinhloso ukuthuthukisa ezobuciko, ukuqhakambisa osomabhabhizinisi abasafufusa nabasebasha, ukukhuthaza ezokuvakasha, ukwenza abantu abasebenza kanzima bezopholisa amakhanda nokwakha inkundla yokuba izizwe nezinhlanga ezihlukahlukene bajabule ndawonye."
Uthe abantu bangazihluphi ngokuzihlinzeka ngokudla neziphuzo ngoba kuzobe kudayisa kule ndawo. "Abantu badingeka ukuba baswenke bese bezozijabulela."
Esephetha uthe kungenwa ngoR200.
Ngeminingwane egcwele abantu bengangena ekhasini likaFacebook: Cooling Off Sessions.