KUZODELA umakhasana ozozibonela ngawakhe amehlo amaqembu esicathamiya edlana imilala koweMbizo Yamadoda ngoLwesibili, ngo-10 ekuseni, eThalaneni, eNkandla.
Kulo mcimbi kuzobe kuqhudelana amaqembu kacothoza ngezingoma eziqwashisa ngodlame lobulili iGender Based Violence (GBV) futhi kuzobe kunandisa izintandokazi zomculo wesicathamiya, iZulu Messengers. Uhlelo luzobe luphethwe ngumsakazi weJozi FM, uVusizwe Langa.
Omunye wabagquguzeli bomqhudelwano uChris Ntuli, unxuse wonke umphakathi waseNkandla, ukuba ufike ngobuningi bawo lapho kuzobe kuqwashiswa amadoda ngokuziphatha, kuphinde kuliwe nokubulawa kwabesifazane nezingane.
"Ngaphezu kwalokho sizobe sivukuza, sibuyisa umculo kacothoza. Kungakho sithe asilethe wonke amaqembu kacothoza azoqhudelana ngeculo elinombiko omuhle. Silande wonke amaqembu aseNkandla, esicathamiya esizokwazi ukwakha phezu kwawo ukuthi kungani kubalulekile ukuba indoda iziphathe kahle futhi ivikele umndeni wayo."
UNtuli usebesemculweni iminyaka engaphezu kwewu-30 futhi wahambela emazweni amaningi okubalwa kuwo iFrance, Belgium, Norway, Canada, USA, China neJapan.
Wabuye wasebenza neLadysmith Black Mambazo, Paul Simon futhi waqopha nomculi waseBrazil u-Aerto Moreira, Madala Kunene, Sipho Gumede, Busi Mhlongo noJabu Khanyile.
Uthe bazoqala ngezinkulumo ngaphambi kokuba kusine kudedelana amaqembu esicathamiya akule ndawo. Uthe izingoma ngeke zize zeqe emizuzwini emihlanu.
Imeya yaseNkandla, uMbhekiseni Biyela, ithe inyanga kaJulayi ngeyabantu besilisa lapho bephoqelekile ukuba banakekele imindeni yabo futhi bathande futhi bavikele abantu besifazane nezingane kwabayizigilamkhuba.
UBiyela uqhube wathi emcimbini kuzobe kucetshiswa amadoda ngokuphathwa kwemizi nemindeni.
Isolezwe lithole ukuthi minyaka yonke amadoda aseNkandla, ahlangana ngaphansi kwalolu hlelo, avulele ongoti izifuba ngezinselelo abhekene nazo ngezempilo, ebudlelwaneni bezothando, emshadweni, emsebenzini, emakhaya nasekhuliseni izingane ngendlela efanele esikhathini samanje.
Ukwanda kwezigameko ezishaqisayo zodlame lobulili kuleli, yikho okwenze umasipala wenza okuhlukile nonyaka njengoba enikeze amadoda ithuba lokuveza amasu okuvikela abesifazane nezingane nemiyalezo.
Ngokuhlelo lomcimbi kulindeleke ukuthi kube khona izinhlaka ezahlukene, okubalwa ezomthetho, ezempilo, abezenhlalakahle yomndeni, nongoti abaningi abazocobelela ngolwazi.