AYIBULELE imali amaciko akuleli abebungazwa nguMnyango wezobuCiko namaSiko eGalleria Conference and Events Venue, eSandton ngoLwesine, ngokuhlabana kumaGrammy Awards eminyakeni edlule, nakamuva .
Kubaculi abaklonyelisiwe kubalwa iLadysmith Black Mambazo, Miriam Makeba, Soweto Gospel Choir, Lebo M, Wouter Kellerman, Black Coffee, Nomcebo Zikode noZakes Bantwini.
UNgqongqoshe woMnyango wezobuCiko namaSiko neZemidlalo kuleli, uMnuz Zizi Kodwa, uthe bebeklomelisa amaciko asaphila nangasekho ngokumela ngempumelelo iNingizimu Afrika.
"Angifuni sikhiphe ubhozo ngokubhala amazwi enduduzo besengasekho kodwa sibahlonipha besahamba phakathi kwethu. Siyababonga ngokwamukela le miklomelo," kusho uKodwa.
ILadysmith Black Mambazo igixabezwe ngoR2.2 million nangoR1 million ezowufaka kwiFoundation yayo, iSoweto Gospel Choir inikezwe uR2.2 million noR1 million weFoundation yayo, uZakes Bantwini uthole uR250 000 noR500 000 weFoundation, uNomcebo Zikode uthole uR250 000 noR500 000 weFoundation, uBlack Coffee uthole uR250 000 noR1 million weFoundation yakhe.
UKodwa uthe baxhaswe ngale mali ukuba bayifake ezinhlanganweni zabo ukuze bafukule namanye amaciko asafufusa ukuze aqhubeke ezinyathelweni zabo. Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe wuMinnie Dlamini noSkhumba Hlophe kanti bekunandisa aMambazo, Nomcebo, Zakes, Vusi Nova, Selaelo Selota, Soweto Gospel Choir, nabanye,