EMUVA kokuhlakazeka ngenxa yokungaboni ngaso linye eminyakeni eyedlule, AmaBhenanyawo agcine ekhumelene umlotha.
Leli yiqembu elakhiwe yizihlabani zomculo kamaskandi ezidabuka ezindaweni eziseningizimu yoGu laKwaZulu-Natal (South Coast).
Kubaculi ababambe iqhaza kuMaBhenanyawo kubalwa uPhuzekhemisi Mnyandu, uMbuzeni Mkhize, uMkhanyiselwa Nzimande waBagqobhi, uBahubhe Mkhize, Ithwasa Lekhansela, Inyoni Emhlophe neChwane Lebhaca.
Lezi zinsizwa zakhipha unqambothi lwe-albhamu eyayithi Akhuphul' Umkhomazi emuva kokushiya izihlwele zisahalela impinda emcimbini waMantshontsho Kamaskandi Awards e-ICC, eThekwini eminyakeni eyedlule.
Emuva kwalokho, kwabe sekuqala izinkinga zokungahoshelani kwamanye amalungu aleli qembu.
Sekungumlando ukuthi uBahubhe neThwasa Lekhansela bake baba yinkukhu nempaka ngenxa yomuntu wesifazane. Kanjalo noMbuzeni benoNyonemhlophe nabo bake bagadlana ngezingoma kwaze kwashoda ozogadla kuqala phakathi kwabo.
UMbuzeni ukuqinisekisile ukuthi AmaBhenanyawo ayabuya ngezinkani futhi alungiselela ukuyoqopha icwecwe lawo lesibili.
Uthe bahlala phansi babona ukuthi akade bekubanga bekuyithambo elingenanyama.
Eqhuba, uthe okunye abakubuyele ukubuyisa isithunzi somculo kamaskandi ngoba sicekeleka phansi ngenxa yabaculi asebengena neziqwayi esteji.
"Thina sifuna ukuqinisekisa ukuthi sicula bukhoma esteji. Asikwazi ukudayisela abantu amaCD, sibuye sibadlalele ngawo." UMbuzeni ubuye wabonga kakhulu iNkosi yaKwaNokweja, uMsekekeli kaBhekamabhaca Zulu, ngokuxhasa iqembu ngengangamela yenkabi.
Inkosi ithe iwanikelele ngenkomo aMaBhenanyawo ngenhloso yokuthi aqhubeke nokuqhakambisa indawo yaseSouth Coast ngomculo wawo.
"Nithathe umculo kamaskandi nawubeka kwelinye izinga. Sibonge ubuhlobo enisenzele bona ezizweni. Niqhubeke ukuze nabanye babukele kunina. Kube yinina isibani phambi kwabo. Sithokoze kakhulu ngenikwenzayo, sengathi nale nkomo ingaba yisibusiso kunina njengoba nani niyisibusiso kithi ngomculo wenu," kusho inkosi.
Seyiphetha ithe icwecwe elisha laMaBhenanyawo liyokwethulwa ngokusemthethweni endaweni yayo futhi kuyobe kufinywa ngendololwane ngalolo suku.