AKUDIKIZI inqulu kuThulisile ‘Thuli P’ Phongolo, osenguDJ kepha waduma ngokulingisa indawo kaNamhla kuGenerations The Legacy, ngabagxeka ukudansa kwakhe.
Bashiye abangalazi abantu behlaba indlela uThuli P abedansa ngayo kwiLemo Festival (ebiyaziwa ngeMacufe) ngeSonto eledlule, eBloemfontein, eFree State. Ubeqashwe noSthabile ‘Slenda Da Dancing DJ’ Zungu wodumo leMadada, bobabili baphembe iqembu, i-2Faced.
UThuli P waziwa ngokudidiyela izingoma zama-piano kanti uSlenda Da Dancing DJ ugxile emculweni wegqom’. Bekungokokuqala izintokazi zidlala phambi kwezihlwele selokhu zisungule iqembu ngenyanga edlule. Kusobala ukuthi abantu bebelindele lukhulu kuzona njengoba bebegqugquzela banye ukuthi bazibheke kwiLemo Festival.
Eziphendulela uThuli P, uthe abantu bayathanda ukunaka nezinto ezingathi shu. “Kodwa-ke uma nje sidlala kahle, sizoqhubeka nokuzijabulisa. Okunye, nokunye sizokushiyela kini ngoba nazi yonke into,” kugadla uThuli P.
“Kodwa-ke bafwethu, i2Faced imayelana nokuhlanganiswa kwezinhlobo ezimbili zomculo ukuze ziqhakanjiswe. Siqinisekise ukuthi izingoma zididiyelwa kahle ndawonye. USlenda ungumdansi oqeqeshiwe, mina ngiyamlekelela ukuze kube mnandi. Asijabuleni,” kuchaza uThuli P, obuye walingisa emdlalweni othi, Makoti.
Nakuba kunjalo kodwa abantu bathe akazilolonge kakhulu. UThuli P uveze ukuthi abantu bamcebise ukuba agxile ekuklwebheni amapuleti bese eyekela isiteji nokudansa kuSlenda Da Dancing DJ.
Wathi ukhulumile noSlenda Da Dancing DJ ukuba amxegisele imidanso ngoba kusenzima kuye, nokho uSlenda uthe uzomthambisela. Akukhona okokuqala uThuli P egxekwa, nasekudijiyeni kukhalwe ngokuthi ufika nezingoma esezivangiwe.