UMCULI we-Afro pop, uKelly Khumalo, uthi akudikizi ngisho inqulu ngokukhishwa emicimbini abeseqashwe kuyo ngenxa yabantu abafakela ingcindezi abahleli bemicimbi ukuba bamhoxise.
Ebuzwa yiSolezwe Ngempelasonto ukuthi uthini ngokuhoxiswa kwakhe, uKelly ushaye ngezimfishane wathi "Engathandi ayiphalaze." Exinwa ngemibuzo uvele wahleka usulu maqede wathi "Nje sihlobo sami."
UKelly ubeqashelwe ukunandisa kwiTribute To Women Festival ngo-Agasti 12, e-Emmmarentia Botanical Gardens, eGoli.
Kepha, uhoxisiwe ngoMsombuluko ngenxa yabantu abebekhala ngokuqashwa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana. Abagqugquzeli bomcimbi bathe bathathe isinqumo sokumkhipha uKelly ngoba befuna athole isikhathi esanele sokubhekana nokwenzeka ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, kubo kaKelly eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014.
Akugcinanga lapho kodwa nabagqugquzeli beMaseru Jazz Festival ezoba ngoSepthemba 24, eMaseru Park, eKurhuleni, banqume ukumhoxisa uKelly ngoLwesine. "Siyaxolisa kwabathanda uKelly. Asimnikeze yena nethimba lakhe ithuba lokubhekana nesimo mayelana nokwenza enkantolo."
Bathe bakholwa ukuthi uKelly umsulwa aze alahlwe yicala kodwa babone kungcono bamkhulule. Imenenja kaKelly, uKgothatso Tsotetsi, itshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi okumphathe kabi yindlela abeTribute Women Festival abenze ngayo kuKelly ngenyanga yabantu besifazane. Uthe bakhombise ukuba ngabantu besilisa abangafuni ukufukula abantu besifazane.
Eqhuba uKgothatso uthe abeMaseru basebenzise udumo lukaKelly ukukhangisa ngomcimbi wabo. UKgothatso uthe basamile noKelly futhi usazoqhubeka nokuba yizwi labesifzane futhi abalwele ngomculo wakhe. Nakuba kunjalo, uKelly uzonandisa kwiGospel Explosion eState Theatre, ePretoria ngo-Agasti 26.
Uboshelwe futhi uKelly kwiKing Bhaka Music Festival engo-Okthoba 14, eMid Illovo (Makhandakhanda Farm) eSouth Coast, lapho ezoshiyelana khona inkundla noKhuzani, Igcokama Elisha, Jumbo, Phuzekhemisi, Bahubhe, Tshatha Ngobe, Simphiwe Majozi (Uzalo), Naymaps (Umkhokha), Zandile Khumalo, Amageza Amahle, Dladla Mshunqisi, Qhosha, Amavilelambuso, Inyonemhlophe, Lagxabha, Mbuzeni nabanye.
Amathikithi asatholakala eTicketpro ngoR150 nango-R1000.