UDJ wakuleli osedume umhlaba wonke, uBlack Coffee, usethathe isinqumo sokungaphinde ashadelwe emuva kokwehlukana nomlingisi uMbali "Enhle Mbali" Mlotshwa.
"Yingakho namhlanje sengazi kamhlophe ukuthi ngeke ngiphinde ngishadelwe. Manje sengisendaweni engcono yokuqonda ngami. Ngiyayiqonda nengcindezi oyifakelwa wumphakathi ngaphandle kokukusiza.
“Ngisakhula intombazane ibitshelwa ngomama bethi 'Yeka abafana...Yeka abafana.' Ithi seyineminyaka ewu-26, omama bathi 'Baphi abantwana? Sifuna ukuba nabazukulu.' Ithi intombazane seyinabo, (abasekho omama) seyibondla yodwa. Umphakathi uyakwenza lokho," kusho uBlack Coffee kwiPodcast and Chill with MacG ngoLwesine.
Uthe yena wathi umsebenzi uqala ukuchuma wathenga umuzi wakhe wokuqala neMercedez Benz, baqala abantu ukumbuza ukuthi umthola nini unkosikazi.
"Leyo nto yayilokhu idlala engqondweni yami. Ngikhumbula owayengunkosikazi kaChristoz enza lelo hlaya, kade engisiza ngokubhukhela ukuyodlala e-Europe.
“Wathi 'Hhayi! Hhayi! Sidinga umakoti! Sidinga umakoti!' Yize ayencokola kodwa leyo nto iyahlala kuwe. Igcine sekuyinto elandelayo okufanele uyenze."
Uthe ngokuqonda kwakhe asikho isidingo sokuphoqelela abantu ukuba bashadane. Uthe umsebenzi wakhe nempilo ayiphilayo akuhambisani nomshado.
"Nginaye umuntu engihlekisana naye. Ngisendaweni enokuthula noxolo. Akunangcindezi."
Uthe okwabahlukanisa nomkakhe, uMbali "Enhle" Mlotshwa, wukuthi baqala bethanda izinto ezifanayo kodwa bagcine sebenemibono ehlukile.
Ebuzwa ngokuthi ukuphinga akudlalanga yini indima ebudlelwaneni babo, uthe akavumi futhi akaphiki ngoba abantu abakugxekayo nabo bayakwenza. Uthe ukuphinga yinto evamisile futhi akhule yenziwa.
"Sikhule omalume besithuma emashendeni." Ngesikhathi ezwa ngokuphinga kobe ngumkakhe, uBlack Coffee, uthe kwamphatha kabi ngoba uyamazi ukuthi uwumuntu onjani. Akusiyo into esingayijabulela."
Echaza ngokufakwa enkantolo ngezinsolo zokuhlukumeza u-Enhle, uBlack Coffee uthe kwakubuhlungu ukuba senkantolo ngecala ayengalenzanga. Uthe kwaze kwavela nabantu ababengakaze bamthanda. Uthe ukube wayemhlukumeza umkakhe ngabe bahlukanisa ngaleso sikhathi.
Ebuzwa ukuthi usamkhumbula yini u-Enhle, uthe umkhumbula kakhulu ngenxa yobudlelwano ayesenabo naye. Yize bexhumana kodwa uthe abafonelani kodwa bathumelana imiyalezo ngama-email ukuze kube nobufakazi bokuthi baxoxani.
"Sisuke sigwema nokuthi kuthiwe ubani uthe wathi engakushongo."