SEKUNOMSINDO ngengoma yokholo kaBetusile Mcinga eqokwe kwiTop 10 yoKhozi FM esihloko sithi Ngena Noah.
Osekushayise amakhala ukuthi iculwa ngokuhlanganyelwa nguBetusile noBuhle Nhlangulela waseMsinga kodwa igama likaBuhle alivezwanga. Okudida abantu ukuthi yiphimbo likaBuhle eliyiqalayo ingoma futhi yilo eliyivalayo.
Nasesikhangisweni sale ngoma esesisabalele ezinkundleni zokuxhumana kuzwakala iphimbo likaBuhle ekubeni umuntu ongumnikazi wengoma nokunguye ohlomulayo kwaSamro uma idlalwa emisakazwenni naseziteshini zethelevishini, kunguBetusile. Nakwi-video akabonwa nangokhalo uBuhle.
Ebuzwa uBuhle uthe uyazi ngezikhalazozabantu abaningingokudliwakwamandla akhekodwa akukhoangakwenzangobauBetusile onegunya lokwenza nanoma yini ngale ngoma.
"Mina ngangiqashwe njengomuntu ozophelezela ngezwi kodwa ngagcina sengicula phambili futhi sengilekelela nangephimbo," kusho uBuhle osanda kuhlabana kwiMpumalanga International Gospel Awards ngendondo yeBest Female Artist.
Eziphendulela uBetusile uthe uBuhle akaculi yedwa kule ngoma futhi wayephelezela ngephimbo kuphela.
"Ngokwejwayelekile kuma-albhamu ami ngisebenza noBuhle Nhlangulela njengomuntu osuke ezongiphelezela ngezwi.
“Kuleli culo akuyena yedwa uBuhle ozwakalayo kodwa kunoFuthi Mhlongo ocula naye ngendlela eyodwa. Iphimbo likaBuhle lihlukile futhi ligqamile okwenza liqapheleke kalula kulabo abalaziyo kodwa lokho akumenzi umuntu ocule ngokuhlanganyela engomeni kodwa uphelezela ngephimbo, okuwumsebenzi ayeqashelwe wona."
UBetusile uphakamise ukuba uBuhle axhumane neSampra ukuze imkhokhele ngokubamba kwakhe iqhaza engomeni. UBuhle uthe akulula akuyofuna inkokhelo kwiSampra ngoba kuba yiciko eliwumnikazi wengoma elibabhalisayo kuyo.
"Kuba yilo elithatha isinqumo ngengxenye yemali okufanele obambe iqhaza akhokhelwe yona futhi awuvele uqale eSampra kodwa uqala eSamro.
“Khona angingabazi ngokuthi izwi lami leli elizwakalayo njengoba abalandeli sebengibuza kaningi ngalolu daba," kuphawula uBuhle.
Ecelwa uBetusile ukuba aveze isiqiniseko sokuthi uBuhle naye ubhaliwe njengomuntu obambe iqhaza ekuhlelweni kabusha kwale ngoma, uvele wathi usekhathele ukuchaza kakhulu. UBuhle uthe engakujabulela ukuthi kwenziwe ubulungiswa ngale ngoma.