UMCULI kamaskandi obehamba phambili ekubeni yilungu le-ANC, usephumele obala ngokujoyina i-IFP.
UDlubheke ozalwa wumsunguli wesitebela somculo iZingane Zoma nowake waba yikhansela le-ANC, eNquthu, unameke kwiFacebook isithombe sakhe egqoke isikibha se-IFP.
Lokhu kwenze abantu baba nemibono eyehlukene njengoba ubaziwa njengomunye wabantu abebehamba phambili kwi-ANC ngakubo KwaNgqulu, eNquthu.
Wake wazama nokuthola isikhundla ekubeni wumholi wentsha kwi-ANC kanti noyise wake waba yikhansela le-ANC.
Kulo mndeni bekwaziwa ukuthi bonke abakhona bangamalungu e-ANC futhi uke wahlaselwa ngoFebhuwari nonyaka, nokwasolwa ukuthi kwaba ukuphumela obala kwawo ukuthi uyi-ANC.
Ethintwa uDlubheke ngesinqumo sakhe uthe impela useyi-IFP.
“Izinto ziyashintsha, akukho okungibophezela ukuthi ngibe yi-ANC noma ngingasafuni ukuba iyona. Umuntu ukhetha iqembu alithandayo. Nakhona ekhaya sesimaqembuqembu. Kukhona abasasele kuyona i-ANC, abanye sebeyi-MK. Nami angingedwa engijoyine i-IFP emndenini, bakhona abanye esijoyine nabo i-IFP. Akukho esikubange ne-ANC kodwa kufike isikhathi soshintsho. Ngisho sihleli ndawonye njengomndeni siyakhuluma ngamaqembu ethu epolitiki ngoba asifihlelene singumndeni ukuthi ngamaqembu esesihamba nawo. Noma ngabe ubaba uyaziwa ukuthi uyi-ANC kodwa sesibadala sonke futhi sinamapasi, okusho ukuthi sinelungelo sokuthatha izinqumo ngempilo yethu,” kusho uDlubheke.
Uthe amaqembu epolitiki awafani nokuba ngaphansi kwenkolo yomndeni okumele nonke nilandele into eyodwa.
Echaza ngomculo, uthe okwamanje akukho akwenzayo kuwona.
“Selokhu ngigcine ukwenza umculo ngoSepthemba ngonyaka odlule. Inkinga njengoba kunezinkinga eziningi kanje ngasekhaya kungaba ukubeka impilo yami engcupheni ukugxila emculweni. Inkinga kuba wukuthi uma umatasa nomculo kumele ubikele nabalandeli bakho ukuthi uzobe ukuphi bese nezitha zithola ithuba lokukucuthela. Uma sengibuyele nakhona angizosho ngisho ngiqopha kodwa abantu bazozwa uma sengikhipha,” usho kanje.
Ngaphandle komculo uthe uphila ngokuba wusomabhizinisi njengoba enamatekisi athutha umphakathi.