UYAZIQHENYA ngokusebenza kanzima njengoba namhlanje esethula izinhlelo kwithelevishini uRorisang Thandekiso, ongumethuli wohlelo iWheel of Fortune, kuS3 phakathi nesonto ntambama.
Isolezwe libe nengxoxo nale ntokazi njengoba abezindaba bebevakashele enkampanini ekhiqiza izinhlelo ezehlukene zakuleli iPrimedia, eKapa.
URorisang uthe uzibone evuthiwe ngokuthola ithuba elifana naleli futhi kuye kungumlando njengoba engowesifazane wokuqala ukulwethula emhlabeni.
“Lolu hlelo selokhu lwaba khona belwethulwa abesilisa emazweni ahlukene phesheya kwezilwandle. Ngesikhathi bengitshela ngaleli thuba ngajabula kakhulu. Okwangijabulisa akukhona nje ukuthi ngizobonakala izinsuku ezinhlanu ngikhombisa ithalente lami kwithelevishini nami ngenza kahle kodwa nokunika abantu izinto ezizoshintsha impilo yabo okubalwa kuzo imali, imoto lokho kimi kwasho lukhulu ngazitshela ukuthi leli thuba ngizolibambaa ngezandla zombili ngiye phambili,” kusho uRorisang.
Uthe ukubona izinhlelo zalolu hlobo ziza kuleli njengoba zisuselwa phesheya kwezilwandle kukhombisa ukukhula komkhakha wethelevishini.
“I-S3 nePrimedia into abayenzayo ikhombisa ukuthi bazimisele kanjani ukujabulisa wonke umuntu okhokha kancane noma kakhulu. Lezi zinhlelo besijwayele ukuzibona eziteshini ezikhokhelwa kakhulu manje zibukwa yiwona wonke umuntu. Ngiyazinxusela nami ukuthi abantu bangenele lolu hlelo njengoba kukuningi abangakuzuza kulo,” kuchaza yena.
Uthe nokuba kwezinye izindawo asebenza kuzo okukhona kuzo nomsakazo iMetro FM, kuyiphupho kuyeukuba kuzona.
Kulolu hambo, abezindaba baphinde bathola ithuba lokukhonjiswa lapho kwenzelwa khona izinhlelo ezehlukene okubalwa kuzo iDeal or no Deal neMaster Chef esaqoshwa.